Gcokama Elisha

Isolezwe ngeSonto - - EZOKUNGCEBELEKA -

Ngizomfaka ngomeni gijwayele ho hi iyofa ka isandla haza Igcokama.

Lithe lifuna ikhono likaNolwazi, ofunda eMvuzane Primary, livele laziwe abantu abaningi ngoba usuka emakhaya, izinto ziyaphuza ukufinyelela khona.

Unina kaNolwazi, uZandile Sibiya, uthe namanje akazi uzochaza athini ngekhono lendodakazi yakhe. Uthe bangabalandeli abakhulu beGcokama futhi indodakazi yakhe ibihlala isho ukuthi ifisa ukuhlangana neGcokama.

“Unekhono yena ngoba nasesikoleni bayalibabaza nasendaweni uma kunemingcwabo bayamcela ukuba ahaye izinkondlo. Ngiyajabula kakhulu nokuthi uzolekelelwa ngemfundo yakhe aye phambili. Ngiyamthanda kakhulu uMthandeni nasekhaya sidlala yena kakhulu nje,’’ kusho uSibiya.

Uthe ngabe igcagcele esokeni uma indodakazi yakhe ingase ithole uxhaso ngoba bavele badonsa kanzima ekhaya.

“Sizihlalela nogogo. Nami angisebenzi ngiyapatanisa. Siyaludinga usizo olufana nalolu. Ngiyafisa ukumbona eqhubekela phambili nento enhle ayithandayo,’’ kuphetha unina wengane.

Igcokama limatasa lilungisa icwecwe lalo.

uNolwazi kama Elisha SITHUNYELWE IMBONGI uNtokozo ‘Sngqazu’ Ngcobo edlala indawo ephambili kwiNandi: The Musical ezoyokhonjiswa oPhongolo naKwaMaphumulo Isithombe: THOKOZANI NDLOVU

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.