Ubhajwe ethoyilethi ethi uhlenga inhlanzi

Isolezwe ngeSonto - - EZINGAJWAYELEKILE/IZINDABA -

KUNGENELE abezimo eziphuthumayo ngesikhathi indoda yaseChina ibhajwe ngengalo ethoyilethi izama ukukhipha inhlanzi yayo ebiphoseke ethoyilethi.

Kuthiwa le ndoda ibiphethe izinhlanzi ezimbalwa ilungiselela ukuzichochobalisa, ishaye esentwala ngesikhathi enye yazo iphunyuka ingena emgodini.

Ngendlela ebihamba ngayo ibibonakala nje ukuthi ithi themba mphimbo uzogwinya. Kusuke isidumo le ndoda yalaxaza ezinye izinhlanzi yaphuthuma ukubamba ephunyukile.

Le ndoda ilale ngesisu yafaka isandla saze sagamanxa ethoyilethi, sabhajwa, kusenjalo yaqala yayobayoba. Kuthiwa kunabebebukela ababize abezimo eziphuthumayo abafike ngokushesha.

Kuphoqeleke ukuthi babulale ithoyilethi ukuze bayihlenge indoda ebisezinhlungwini, ikhala ubumaye. Ngaleso sikhathi ezinye izinhlanzi bezijombajomba eduze kwayo indoda.

Kuthiwa ngesikhathi sikhishwa isandla sendoda, inhlanzi ibingasabonwa nakancane. Abantu ezinkundleni zokuxhumana bakhuze babaza ukuthi le ndoda ibizoyidla kanjani inhlanzi isiphuma ethoyilethi.

Kuthiwa ngesikhathi abezimo eziphuthumayo beyihlenga indoda bagcine besebenzisa nensipho yezitsha ukushibilikisa isandla.

– The Daily Mail

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.