UBilliat nenselelo yokulandela ezinyathelweni zikaMusona

Isolezwe ngeSonto - - EZEMIDLALO - ZWELAKHE NGCOBO

UKUFIKA kukaKhama Billiat kwiKaizer Chiefs evela kwiMamelodi Sundowns kulethe injabulo, kwamilisa ithemba lokuthi Amakhosi angakwazi ukuhlabana ngesinye sezicoco kwi-Absa Premiership.

Lokhu kwethenjwa kukaBilliat sekuqubule umbuzo wokuthi uzokwazi yini ukulandela ezinyathelweni zomkhaya wakhe uKnowledge Musona owafika kwezwakala eNaturena eshaya amagoli ayenza abalandeli beMpofana bahlale bejabulile.

UMusona, owajoyina Amakhosi ngo-2009 ngemuva kokugila izimanga kwiCosafa Cup okuwumqhudelwano ongenalo idumela njenge-African Cup of

Nations (Afcon),wazakhela ukuhlonishwa nokuthenjwa ngokuhlohla amagoli amabili emdlalweni okwakutholene phezulu kuwo izinkunzi zaseSoweto ngo-2010.

IChiefs yanqoba ngo 3-1 kulo mdlalo we-Absa Premiership.

NgoMgqibelo eFNB Stadium ngo 3.30 ntambama umthwalo uzobe usemahlombe omkhaya wakhe uBilliat ukuthi aqhamuke neminyakazo ezokwenza abaphathi beChiefs baphindele ekhaya beziqhenya ngokumsondeza eNaturena. UMusona noBilliat badlale ndawonye esikhungweni sokuthuthukisa amakhono saseZimbabwe,iAces Youth Soccer Academy. Kuze kube manje usashaye amagoli amathathu.

Umdlalo wabakhaya phakathi kweChiefs nePirates oselokhu kwathi nhlo uheha izinkumbi zabalandeli, akekho umlandeli wala maqembu ofisa ukubuyela ekhaya ezakhe zikhale ngaphansi ngoba usuke azi ukuthi uzophenduka inhlekisa ezindaweni zokuxhumana, emphakathini kwenabele ngisho nasemsebenzini.

Ngokwesitatimende esithunyelwe yiStadium Management SA (SMSA) ngoLwesihlanu sithe amathikithi angu-82 000 asephelile kanti asesele angu4000 okungawezicukuthwane azotholakala kwaSAIL. Siphinde saxwayisa abalandeli abangenawo amathikithi ukuthi bangalokothi balubhade enkundleni ngoba awekho amathikithi azobe edayiswa.

Akugcinanga lapho, abalandeli badonswe indlebe ukuthi bangathengi amathikithi angumkokotelwa ngoba kuzobe kuqashwe ngelokhozi, ngeke bavunyelwe ukungena.

Lokhu kuchaza ukuthi olidingayo kuzofanele angene ephaketheni lishone ukuyobuka lomdlalo obhekwe ngabomvu ukuthi abaqeqeshi oGiovanni Solinas noMilutin “Micho” Sredojevic bazokwazi yini ukuqhamuka nonyawo olusha.

Muva nje sekujwayelekile ukuthi lamaqembu alandelwa yizinkumbi

zabalandeli bakuleleli uma ehlangene umdlalo wawo uphele kungekho qembu elivume ukugoba uphondo.

Bobabili labaqeqeshi babhekene nenselelo yokuthi baqede isomiso esesihlasele la maqembu amasizini amathathu engahlabani ngalutho phezu kokuthi engantuli.

USredojevic owenze kahle e-Uganda ehlabana ngesicoco seligi amasizini amathathu neSC Villa ubhekene nenselelo yokuthi athasisele emgodleni wakhe.

Kodwa ukufezeka kwephupho likaSredojevic lizoncika ekutheni uyakwazi yini ukudlulisela amava akhe azokwenza oXola Mlambo, Vincent

Pule, Musa Nyatama bawushayisise umsebenzi abaqashelwe wona.

Ngesizini eyedlule lamaqembu abambane ngo 1-1 nokuyinto engehlanga kahle kubalandeli bawo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.