OweBafana ukhuthaza abalandeli beseke abadlali

Isolezwe ngeSonto - - EZEMIDLALO - ZAKHELE XABA

UMGADLI weBafana Bafana, uDino Ndlovu, ukholwa wukuthi kukhulu okungazuzwa yiNingizimu Afrika kubadlali abasebancane uma abalandeli benganciphisa ukugxeka kodwa babakhuthaze.

UNdlovu, oyibamba kwiHangzhou Greentown yaseChina, ubuyele eqenjini lesizwe emuva kwesikhathi eqiwa yijezi ngaphansi kwabaqeqeshi abahlukene. Ushaye igoli ngesikhathi iBafana ibhudluza iSeychelles ngo 6-0 emdlalweni wokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) ngesonto eledlule.

La maqembu adlale ngokuliingana ngo 0-0 kkowesibili ekuqaleni kwesonto.

UDino uthe abadlali abasebancane abaficile eqenjini lesizwe bangaba yikusasa lezwe wathi badinga ukwesekwa ngabantu baseMzansi.

“Ngikujabulele ukuba ndawonye nabadlali abasebancane. Ngicabanga ukuthi abantu baseNingizimu Afrika kufanele bawuncome umsebenzi wabo, babanikeze ithuba babeseke. Kunabantu abebekade behhewula uLebo (Maboe) ngoba ehlulwa amagoli. Ngesikhathi sidlala neSeychelles ekhaya wonke umuntu kade ehhewula uPercy (Tau). Bangabadlali abahle, badinga ukwesekwa namava kuleli zinga,” kusho uNdlovu.

“Ngicabanga ukuthi siyashesha ukubheka okubi kubadlali bethu.Laba bafana badinga ukugqugquzelwa, bazosimela kahle ngomuso.

Futhi angingabazi ukuthi ngokuba khona kwami, ngibanike isibindi nokukholwa ukuthi noma uneminyaa engu

20, 21 noma engu-19 izinto zingenzeka. Ungabahola abadlali abafana no-Itumeleng Khune. ULebohang Mothiba ukeenzile lokho. Kufanele banconywe benoPercy Tau baqinile ngokomqondo.”

Ngokuhluleka ukuwina eSeychelles iBafana izifake ingcindezi yokuthi sekufanele nakanjani ithole amaphuzu amathathu emidlalwenii emibili esele.

Bafana izobhekana neNigeria ngoNovemba 17 eFNB Stadium.

Izovala ngeLibya ngoMashi 23 ngonyanka ozayo.

“Sizenzele phansi, hhayi thina kuphela, kodwa isizwe sonke. Kodwa siyayihlonipha iSeychelles ngoba ayizange ililahle ithemba, ayizange iyeke ukukholwa ukuthi ingasithwalisa ubunzima.

Bebekade benokuzethemba ngesikhathi sifika khona.

Kukhona okubalwa

obekuphikisana nathi njengenkundla ebikade iqinile. Ibhola belingagqomi kahle ngendlela obekwenzeka ngayo ngesikhathi sidlala nabo lapha ekhaya,” kusho uNdlovu.

“Siphoxekile ngokwenzekile kodwa akukapheli ngathi.

Sisele

ngephuzu kwiNigeria. Sisenalo ithemba. Njengoba umqeqeshi eshilo, asikwazi ukuthatha okubi kule midlalo yomibili. Sikwenze konke. Kodwa sibe nebhadi lokungalishayi igoli. Akufanel

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.