Kuzocacisa umbiko kadokotela ngoHHP

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA - DELI MNCWABE

UMNDENI wesihlabani somculi we-hip hop esishone ngoLwesithathu, uthi usulinde umphumela wokuhlolwa kwesidumbu ukuze kuvele ukuthi sibulewe yini.

Lokhu kulandela ukuqonga kwamahlebezi okuthi inkosi yomculo uMotswako uHHP (ogama lakhe langempela uJabulani Tsambo), uzibulele.

Okhulumela umndeni, uMnuz Edgar Makgeledise, uthe akukho abangakusho okwamanje ngalama hlebezi asabalele.

“Umndeni ulinde umbiko wokuhlolwa kwesidumbu sakhe nokuyikhona okuzoveza ukuthi uthathwe yini,” usho kanje.

Uphawula kanjena nje uMnuz Makgeledise kungenxa yemithombo yeSolezwe ngeSonto edalula ukuthi uHHP uzihilele emzini wakhe oseRandpark Ridge, eRandburg eGauteng ngoLwesithathu ngabo-12 emini.

Umthombo wokuqala upotshozele leli phephandaba ukuthi uHHP utholwe u-anti osizayo elenga ekameleni lakhe lokulala.

“Utholwe owesifazane osizayo elenga. Angazi ukuthi ubelenga kuphi nendawo kodwa futhi kuthiwa ubebhale nencwadi ebichaza ngokwenze wathatha isinqumo sokuqeda ngempilo yakhe,” kusho umthombo wokuqala.

Umthombo wesibili uthe lesi sihlabani sodumo lwengoma ethi Harambe, besekunesikhathi singazizwa kahle ngenxa yokhwantalala.

“Ubesephila ngokugadwa ngenxa yokuthi bekusatshelwa ukuthi angenza noma yini. Lo wesifazane ubesephila impilo yokuhlezi emqalaza.

“Ngaphandle kwalokho ubesengafuni ukuhlangana nabanye abantu. Uma kukhona omfunayo ubeyalela lo wesifazane osizayo ukuthi amtshele ukuthi akekho ekhaya. Ubeseziphilela impilo yokuba yedwa nje,” kusho umthombo wesibili.

Ukushona kwakhe kwenzeke ngemuva kokuthi eke wagonyuluka ngokuzama ukuzibulala izikhawu ezintathu ngo-2015.

Ushone kade kulindeleke ukuba ayonandisa eMesh Club emcimbini obekuzoba ngowokuqala ngqa obizwa ngeMotus@MESH ohlanganisa indawo yokudla iMotus neyokuzijuxuza iMesh Club eRandburg.

Owesilisa obambe ucingo nongathandanga ukuzisho igama waseMesh Club uthe akukho agakusho ngalo mcimbi.

UHHP uzofihlwa eMahikeng, usuku lomngcwabo belusazomenyezelwa ngesikhathi sokuloba.

KUKHALWA nxa zonke ngokudlula emhlabeni ngokudlula emhlabeni komculi we-hip hop nobethathwa njengenkosi yoMotswako uHHP okuvela izinsolo ezingaqinisekisiwe zokuthi uzibulele Isithombe: SIGCINIWE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.