Isiteshi esisha sethelevishini sigadla ngabanamava

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA - S’MANGELE ZUMA

SIZISHAYA isifuba ngokugadla ngabethuli bezinhlelo abanamava, isiteshi esisha sethelevishini, iMoja Love (DStv channel 157).

Kulaba bethuli kubalwa uBonginkosi “Zola” Dlamini, uMajota “Phat Joe” Kambule, uPenny Lebyane, uMolemo “Jub Jub” Maarohanye, uThabo “Tbose” Mokwele noDr Mveleli “Dr Love” Gqwede.

Okhulumela lesi siteshi uLindiwe Mbonambi uchaze kabanzi ngesinqumo sabo sokubuyisa laba bethuli osekunesikhathi baziwa.

Ekhuluma neSolezwe ngeSonto uLindiwe uthe abantu kumele baqonde ukuthi bayisiteshi esisha ngakho ukuze bathembeke kumele babe nobuso obuhlonishwayo.

Uziphikile izinsolo zokuthi bavundulula abethuli abaduma kudala, wathi bathatha abantu abahambisana nezinhlelo zabo.

Echaza ngohlelo olusha lukaZola, iHope with Zola, oludlala njalo ngoLwesine ngo-9:30 ebusuku uthe sekuneminyaka abantu baseNingizimu Afrika befuna uZola abuyele kuthelevishini.

“Uzokhumbula ukuthi uZola wabasiza kanjani abantu ohlelweni lwakhe lwakudala iZola 7. Kulolu hlelo olusha uZola uhlanganisa umphakathi ukuthi ufake isandla ekuxazululeni izinkinga obhekene nazo. UZola uyazinikela ekusizeni abantu. Yize sekuneminyaka engu12 engabonakali kuthelevishini kodwa ubesaqhubeka nokusiza abantu ngasese,” kusho uLindiwe.

Uthe uJub Jub owethula uhlelo, Uthando Noxolo, oludlala ngeSonto ngo-9 ebusuku ungena khaxa kulo hlelo.

“Siqoke uJub Jub ngenxa yezinkinga adlule kuzo. Useke naye wayihamba indima yokucela uxolo. Sabona ukuthi nguyena umuntu ongazibeka kahle izitori zabantu abacela uxolo ngokuqonda ubunzima ababhekene nabo,” kusho uLindiwe.

Echaza ngoPenny Lebyane owethula iLet’s Talk Papgeld edlala ngoMgqibelo ngo-7 ebusuku uthe uPenny unamava ekwethuleni izinhlelo zezingxoxo.

Uthe uPenny uyaziwa ngokwethula izinhlelo zezingxoxo kuthelevishini ngakho banenhlanhla ukuthi abe yingxenye yezinhlelo zabo.

Uthe uPhat Joe, uhlelo lwakhe iHighly Inapproriate oludlala ngoMgqibelo ngo-7:30 ebusuku, luwuyena nje.

Uveze ukuthi akekho umuntu owenza uhlelo lapho ekhuluma khona into ayithandayo odlula uPhat Joe.

UTbose owethula iSofa Silahlane ngoLwesine ngo 9 ebusuku ungene endaweni kaMzilikazi wa Afrika, ohoxile kulolu hlelo ngemuva kokuphela kwesizini yokuqala.

Kanti uDr Love useqalile ukuqopha nohlelo oluzohubha

Izithombe: INSTAGRAM/ZONKE ZAMA NDABA IMIXER kanokusho yakwaZiyanda Appliance ebiza R13000 ezokwethulwa ngonyaka ozayo

UNCONYWE ngemikhiqizo yakhe uMnuz Zonke Zama Ndaba yeZiyanda Appliances ebe sematheni kuleli sonto

UMREPHA uMolemo “Jub Jub” Maarohanye wethula uhlelo UThando Noxolo ngeSonto ebusuku Isithombe: INSTAGRAM/ OFFICIAL Jubjub

UPENNY Lebyane ungomunye wabethuli bezinhlelo lesi siteshi esigabe ngaye, wethula uhlelo iLet’s Talk Papgeld Isithombe: INSTAGRAM/ PENNY LEBYANE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.