Lehlile izinga kwiSgiya

Isolezwe ngeSonto - - IMIBONO/EZINOHLONZE -

MHLELI: Kwacaca kudala nje ukuthi bamfuna ehambile uNgizwe Mchunu esiteshini Ukhozi FM.

Into eyenza ngisho kanje ukubuka isikhathi abamfaka ngaso sasekuseni ezintatha ngaphambi kokumiswa kwakhe noTshatha. Ngisho-ke nje sekwenziwa izinguquko esiteshini ayikhulunywa eyokushintshwa kwaleli ciko.

Iqiniso limile nje, uNgizwe bekumele abuyele kulolu hlelo lwangoMgqibelo ekuseni lukamaskandi. Hhawu laze lehlelwa yizinga nantu uhlelo uSgiya Ngengoma ngala mantombazane owezwa kahle nje ukuthi ayahluleka ukuphakamisa izinga lalolu hlelo oselusetshenzelwe kanzima iminyaka engaka. Mina-ke nje angisalulaleli lolu hlelo ngoba luyabheda.

UKhozi FM nalo nje ngiyalubona lwehlelwa izinga. Bahlulwa yini abaphathi nabahleli bezinhlelo ukuthatha laba basakazi abafikile babafake kulezi zikhathi zasebusuku ukuze bezothola isipiliyoni?

Nhlanhla Mazibuko

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.