Umjikelezo wemiklomelo yoMzansi ugoqwa ePavilion

Isolezwe ngeSonto - - EZOKUNGCEBELEKA - THOKOZANI NDLOVU

UYAGOQWA umjikelezo wokukhangisa ngemiklomelo yezindondo iMzansi Viewers’ Choice Awards, ePavilion, eThekwini ngoMgqibelo. Le miklomelo izoba seSandton Convention Centre, eGoli ngoNovemba 24.

Okhulumela uMzansi

Magic, uBongi PotelwaMetsing, uthe ngoMgqibelo ePavilion, bazobe behamba nabalingisi bethelevishini oWinnie Ntshaba obekwiThe Herd, Linda Sebezo okwiSibaya, Khaya Dladla woZalo, umsakazi woKhozi FM uSelbeyonce noweGagasi FM uFelix Hlophe.

Uthe kuzophinde kunandise abasakazi beGagasi FM iKings of the Weekend ebunjwe wuSphectacula noDJ Naves.

“Sizoqala ngo-11 ekuseni kuya ku-3 ntambama.

“Wonke umuntu wamukelekile ukuthi eze futhi kumahhala. Sizobe sidalula nendlela yokuvotela amaciko aqokwe emiklomelweni.

“Ovotayo uzozibeka ethubeni lokuwina iKia Rio. Sizophinde sinike umphakathi ithuba lokuthi uphakamise umuntu ombona enza ushintsho emphakathini ngezindlela ezahlukene.

“Uma umuntu omphakamisile ewina nawe omphakamisile uzowina uR50 000.

“Bonke abawinile bazomenyezelwa ngosuku lomcimbi ngoNovemba 24,” kusho uBongi.

Eqhuba uBongi, uthe umcimbi uzobe usakazwa bukhoma kuMzansi Magic ku-161 nakuMzansi Wethu ku-163 kusuka ngo-8 kuya ku-10 ebusuku.

Okwamanje uthe abaculi abazonandisa kuwona abakadalulwa kodwa bazokwaziwa ngokuhamba kwesikhathi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.