Zishaye zachitha, nemidlwane izigebengu

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA -

ZIBAMBE inkunzi zaze zashaqa ngisho imidlwane enosuku izelwe izigebengu e-England ngesikhathi zingene ngendloviyangena komunye umuzi zizobamba inkunzi.

Kuthiwa lezi zigebengu zitheleke kulo muzi zafica umndeni wakhona kukhona nowesimame okhulelwe obengabeletha noma nini.

Kuthiwa lo wesimame ubehleli nezingane ezincane ehlelwa yilesi siga. Zibakhombe ngezibhamu zafuna ngodli amaselula nemali bakukhipha babanika besabela impilo yabo.

Kuthiwa bathe sebezama ukuphuma babona imidlwane eyisishiyagalombili esanda kuzalwa ibekwe kahle endaweni ethofozelayo, bathi ngeke besayishiya le midlwane.

Kuthiwa ingeyohlobo olungandile olubizwa ngeFrench Bulldog ebiza imali eshisiwe.

Amaphoyisa athi alikho ilungu lomndeni elilimalile kulesi sigameko okuthiwa senzeke ebusuku ngezithuba zehora leshumi.

Okhulumela amaphoyisa uSeargent Dave Jones, uthe kuyethusa ukuthi owesifazane obezihlalela nezingane zakhe asatshiswe kangaka ebe ezithwele futhi.

Wathi bayafunga bayagomela ukuthi bazozithola lezi zigilamkhuba.

‘’ Kubalulekile ukubamba lezi zigebengu kodwa okukhulu kunakho konke ukuthola le midlwane.

Basebancane laba badlwane ngeke bakwazi ukuphila isikhathi eside ngaphandle kukanina, yingakho-ke sithi kufanele babuye,’’ kusho iphoyisa.

- The Daily Mail

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.