Isimanga benza ucansi imoto ihamba

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA -

ZIFUNWA uthuli amaphoyisa izithandani ezethuse abaningi zivela kwi-video zizitika ngocansi emotweni ihamba, owesilisa eshayela ngesikhathi eqhubeka nenkonzo yababili.

Lezi zithandani zaseSpain kuthiwa bezihamba emgwaqeni onguthelawayeka zisemzileni ophakathi nendawo ngesikhathi zigila lo mhlolo obubatshazwa ezinkundleni zokuxhumana.

Le video esabalele iveza owesifazane ongagqokile eshona evumbuka emotweni kubonakala ukuthi kukhulu amatasa ngakho.

Kuthiwa lo mshayeli angase amiswe iminyaka emibili engashayeli imoto uma angase atholakale enecala.

Kuthiwa amaphoyisa abesathole ukuthi lo mshayeli ungowesilisa ohlala edolobheni iMadrid. Amaphoyisa athi lo mlisa ubebeke engcupheni impilo yabantu abaningi ngoba leli cala lithathwa njengokushayela budedengu.

Kuthiwa nangonyaka odlule kunezithandani ezazithola zisobishini ngesenzo esifanayo sokuzitika ngocansi imoto ihamba.

Okhulumela inhlangano yomphakathi iCivil Guard, uthe amaphoyisa aqale ukubona lo mhlolo emuva kokufakwa kwe-video ezinkundleni zokuxhumana akhuza umhlolo.

Uthe kodwa lo mlisa kulula ukumbopha ngoba imoto yakhe iyavela nezinombolo zayo konke amaphoyisa azomlandela ambophe.

Kuthiwa lesi sigameko besingundabamlonyeni abantu ezinkundleni zokuxhumana beyibuka ngobuningi, bezibuza ukuthi bebengenwe yini laba abenze ucansi emgwaqeni.

- The Daily Mail

BAFUNWA uthuli abazitike ngocansi emotweni ihamba eSpain njengoba kuthiwa lokhu kuphambene nomthetho Isithombe : THE DAILY MAIL

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.