Uzisike inkaba wayipha isoka lakhe

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA -

IGAJWE wuthando yaze yasika inkaba yayipha isoka intombi yaseMexico ithi indlela ekhombisa ngayo lo mlisa wayo ukuthi imthanda ukubhubha.

UNksz Paulina Casillas Landeros (23) wasedolobheni iGuadalajara uye kudokotela omhlinzile wamkhipha inkaba. Le ntokazi ithi leli soka ilithanda kangangokuthi ingalenzela noma yini. UNksz Landeros esinye isizathu sokwenza lokhu bekungukuhlabekisa umndeni wakhe obuhlala umgxeka ngempilo ayiphilayo nokudweba umzimba. Emuva kwesikhathi uthi uhambe wabona lento eseyicabanga kahle ukuthi ubethathe ngamawala futhi waba budedengu.

“Ngihlala ngixabana nomndeni wami futhi ngaleso sikhathi kwakuxatshenwe kakhulu impela. Ngiyathanda ukuhlobisa umzimba wami kuyinto engiyizwa ngaphakathi. Ngangidinwe kakhulu bengifuna ukuhlukana nawo wonke umuntu.”

Uthe nakuba wayazi ukuthi le nto ayenzayo iyingozi kodwa wayesesithathile isinqumo sokuthi ufuna ukuhambisa inkaba kuDaniel Ramirez amthanda ukubhubha. Uthe uyabona ukuthi bekukhona nobungane bumgabhile ephuphutheka futhi usebuyisene nomndeni wakhe balungisa sonke isimo.

Uthe nesoka lelo ubezifela ngalo alinqabanga ngesikhathi elitshela lokhu lameseka kwaze kwaba sekugcineni ngenxa yothando. Ugcine ehlukene naleli soka njengengxenye yokulungisa amaphutha empilweni yakhe. - The Daily Mail

BAKHALA ezimathonsi ngemidlwane yabo eshaqwe yizigebengu abomndeni waseManchester e-England Isithombe : THE DAILY MAIL

UYAZISOLA ngokusika inkaba ayiphe isoka egajwe wuthando owesifazane waseMexico Isithombe: THE DAILY MAIL

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.