UDyantyi ethubeni lokuhlabana ngesomdlali ovelele emhlabeni

Isolezwe ngeSonto - - EZEMIDLALO - MALIBONGWE MDLETSHE

UKUQOKWA kweBhokobhoko elingu-Aphiwe Dyantyi emklomelweni wombhoxo womhlaba, iWorld Rugby’s Breakthrough Player of the Year Award kwenza izikhulu zeSouth African Rugby Union (Saru) zimbone efanelwe wukuphonswa ogqokweni olulodwa nezinkakha, uSchalk Burger noBryan Habana.

Ngokwesine kulo nyaka umklomelo okuqokwe kuwo uDyantyi ukhona kanti ngokokuqala ukuthi umdlali waseNingizimu Afrika aqokwe kuwo.

U-Andy Colquhoun weSaru uthe uDyantyi uyobe ulandele ezinyathelweni zezingwevu ezinjengoBurger noHabana uma ewunqobile umklomelo weWorld Rugby.

“Wumklomelo omusha lo, asikaze sibe nomdlali oqokelwa kuwo. Kuyaqala kodwa kuyajabulisa kakhulu.

Cabanga uma engawunqoba, akazugcina nje ngokungena emlandweni.

Abantu asebeke banqoba umklomelo weWorld Rugby nguBryan Habana noSchalk Burger, benqoba owomdlali ovelele, kuyajabulisa kakhulu,” kusho uColqhoun.

UBurger uhlabane ngomklomelo weWorld Rugby ngo-2003 kanti uHabana waqokwa njengomdlali ovelele emhlabeni ngemuva kokusiza amaBhokobhoko anqobe iWorld Cup ngo-2007.

UDyantyi usevele ufaniswa noHabana ngezinto eziningi. KumaBhokobhokko lesi siqethevu saseNgcobo sigqoka unombolo-11 njengoHabana.

Inkakha enguHabana iphethe irekhodi lama-try amaningi emlandweni wamaBhokobhoko kanti ezinyangeni ezinhlanu uDyantyi edlala eqenjini lesizwe usekhombisile ukuthi ungumshini wama-try.

Le nsizwa ibingelele ngetry iqala ngoJuni ukugqoka ijezi lamaBhokobhoko edlala ne-England kwi-Incoming Tour.

Useqale imidlalo eyisishiyagalolunye wabasela ama-try ayisithupha.

Wabasela ama-try amabili amaBhokobhoko eqopha umlando ehlula iNew Zealand okokuqala eWellington.

Kuphethe ngokuthi aqede iRugby Championship ebambene ngamahlanu kwabahambe phambili ngokubasela ama-try.

UDyantyi kumfanele kwazise neSuper Rugby ubeqala ukuyidlala kulo nyaka, emele iLions afinyelele kowamanqamu nayo.

UDyantyi ubanga noJordan Larmour wase-Ireland noKarl Tu`inukuafe waseNew ealand.

Asebeke bawunqoba lo mqhudelwano nguNehe MilnerSkudder noRieok Ioane baseZew Zealand noMaro Itoje waseEngland.

Ozodla ubhedu ngo-2018 uzokwethulwa kumaWorld Rugby Awards azoba seSalle des Etolies eMonte Carlo, eMonaco, eFrance ngoNovemba 25.

ISIKHWISHIKHWISHI samaBhokobhoko u-Aphiwe Dyantyi esisethubeni lokuhlabana ngeWorld Rugby Player of The Year Isithombe: REUTERS

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.