Usehalela iVarsity Netball owaseDUT

Isolezwe ngeSonto - - EZEMIDLALO - ZWELAKHE NGCOBO

EMINYAKENI eyedlule iDurban University of Technology isaziwa ngeDurban Institute of Technology izakhele ukuhlonipheka ikhiqiza abadlali be-basketball abamele iNingizimu Afrika kwiConfederation of Universities and Colleges Sports Association (Cucsa) nakumaWorld Student Games.

Muva nje kubukeka intokazi yaseHluhluwe u-Amanda Ntshangase edlala i-netball isethubeni lokulandela ezinyathelweni zoNdaba Ngcobo, Siyabonga Ngwekazi, Nomsi

Shezi, Mtu Zulu okuze kube manje kusakhulunywa ngezimanga ababezenza besengabafundi eDUT.

Exoxa naleli phephandaba kwelinye lamahhotela agudle ulwandle eThekwini ngemuva kokuqokwa njengeSports Personality of the year kukhishwa imiklomelo yabafundi abashaye into ecokeme emidlalweni eyehlukahlukene kwiDUT Sport Awards abezimaziswe yingqwele yeComrades Marathon uBongmusa Mthembu, uphefumule wathi uNtshangase (22): “Ngijabule kakhulu ngokukhethwa. Benginethemba lokuthi ngizoqokwa njengomdlali ovelele. Esengikubhekile wukuthi ngiyodlala kwiVarsity

Netball ukuze ngikwazi ukuqhubekela phambili. Njengamanje ngidlala kwi-eThekwini League. I-netball iwona mdlalo engiwuthandayo. Ngiqale ukuwudlala ngisafunda eMbazwa Primary endaweni engenazo izinkundla ezisezingeni.”

Ugcizelele wathi ukuzinikela kwakhe ngokungabinamkhawulo ekuzivocavoceni nsukuzonke yikhona okuthele izithelo zokuthi adle ubhedu.

“Ngiyazinikela entweni engiyenzayo. Ngiya njalo ngiyoziqeqesha eHoy Park,” kusho uNtshangase oseke wabizelwa eqenjini elithuthukiselwa iKingdom Stars edlala kwiBrutal Fruit Netball League.

USnenhlanhla Ntethe ongusihlalo ophikweni lwezemidlallo olumele abafundi baseDUT uphawule wathi ngempumelelo kaNtshangase: “Ngijabule ukuthi aklonyeliswe, umklomela awutholile umfanele. Uyazimisela. Akwenzayo uyakwenzisa nokuyinto ebalulekile.”

Umbuzo manje wukuthi ikhono lakhe lizokwazi yini ukumenza alandele ezinyathelweni zoSindi Gumede owazakhela ngokuhlohla amagoli, ukuhlonishwa amazwe ahamba phambili emdlalweni we-netball okuyi-Australia, New Zealand, Jamaica ne-England.

Abanye asebehambe ibanga nguPrecious Mthembu osedlale imidlalo ecela ekhulwini kumaProteas noBongiwe Msomi osedlondlobale waze wayodlalela amaqembu aphesheya kwezilwandle.

Ngokusho kukaBongani

Yengwa, oyinhloko ophikweni lwezemidlalo eDUT, iqembu le netball lizoba nochungechunge lwemidlalo ekuqaleni kukaDisemba. “NgoDisemba 2 siya eBhayi sizodlala imidlalo emithathu, okuzolanywa yindlela ebheke eKapa lapho sizofike sidlale imidlalo emihlanu, Sizoze sibuye ngoDisemba 9.”

AMANDA NTSHANGASE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.