Kuzocaca ngelizayo ngowaMakhosi kwiTelkom

Isolezwe ngeSonto - - EZEMIDLALO - MALIBONGWE MDLETSHE

UJABULANI Mbanjani osophikweni lwezokuxhumana kwiChiefs uthi kuzocaca esontweni elisombulukayo ukuthi bawuyisa kuphi umdlalo wama-quarterfinal eTelkom Knockout ezotholana kuwo neSuperSport United ngoMgqibelo.

“Yinto eke yathintwa leyo ukuthi umdlalo weTelkom uzodlalelwa kuphi kodwa asithathwanga isinqumo.

Kuleli sonto indaba ebiphambili ngeyomdlalo womkhaya kanti nomphumela wakhona uzoba nomthelela esinqumeni esithathwayo ngomdlalo weTelkom. Kuzocaca ngesonto elizayo, ngoMsombuluko noma ngoLwesithathu ukuthi umdlalo weTelkom uya kuphi,” kusho uMbanjani.

Uthe iMbombela isethubenii ngoba imidlalo yomkhumulajezi itshekele ngakuyo.

“Asikubalekele ukusikaza iTheku ngoba neMbombela isethubeni kwazise wumdlalo womkhumulajezi okuyiyo ehlelelwe yona. Nokho zontathu izinkundla zisethubeni. Ithimba lezokumakethwa kweqembu yilo elihola lomkhankaso,” kusho uMbanjani. Owamanqamu eTelkom uzodlalelwa eNelson Mandela Bay, eBhayi ngoDisemba 8.:

“Yinto eke yathintwa leyo ukuthi umdlalo weTelkom uzodlalelwa kuphi kodwa asithathwanga isinqumo.

Kuleli sonto indaba ebiphambili ngeyomdlalo womkhaya kanti nomphumela wakhona uzoba nomthelela esinqumeni esithathwayo ngomdlalo weTelkom. Kuzocaca ngesonto elizayo, ngoMsombuluko noma ngoLwesithathu ukuthi umdlalo weTelkom uya kuphi,” kusho uMbanjani.

Uthe iMbombela isethubenii ngoba imidlalo yomkhumulajezi itshekele ngakuyo.

“Asikubalekele ukusikaza iTheku ngoba neMbombela isethubeni kwazise wumdlalo womkhumulajezi okuyiyo ehlelelwe yona. Nokho zontathu izinkundla zisethubeni. Ithimba lezokumakethwa kweqembu yilo elihola lomkhankaso,” kusho uMbanjani.

IChiefs ibhalise kwiPremier Soccer League izinkundla ezintathu njengezoshintshanisa kuzo imidlalo yasekhaya kule sizini njengalo ezobhekana kuwo neSuperSport.

Lezi zinkundla yiFNB

Stadium eGoli nokuyiyo eseqhulwini, iMoses Mabhida Stadium eThekwini bese kugcina iMbombela Stadium eseMpumalanga.

IFNB Stadium ihamba phambili emidlalweni ye-Absa Premiership kuthi iMoses Mabhida ilandele endaweni yesibili.

IChiefs inenkontileka noMasipala waseThekwini ukudlalela khona imidlalo emithathu yeligi ngesizini.

IMbombela yona ayikawutholi umdlalo weChiefs kule sizini kanti iTheku lisasingathe owesigwebo lapho iChiefs idlale khona nePolokwane City ngaphandle kwabalandeli.

Lowo mdlalo uyingxenye yemibili iChiefs eyagwetshwa ukuba iyidlale ngaphandle kwabalandeli ngemuva kokulahlwa yicala lokugulukudela kwabalandeli bayo enkundleni ngoEphreli 21.

IChiefs ibuyela emidlalweni yeligi ngoNovemba 7 lapho izothathana khona neBlack Leopards kodwa okhonjwa eThekwini weligi ngezodlala kuwo neChippa United ngoNovemba 10.

Owamanqamu eTelkom uzodlalelwa eNelson Mandela Bay, eBhayi ngoDisemba 8.

Eminye imidlalo yeTelkom ezayo :

Baroka v Mamelodi Sundowns, ePeter Mokaba; AmaZulu v

Orlando Pirates, Maritzburg United v Bidvest Wits.

ISONTO elisombulukayo yilona okuzocaciswa ngalo ekutheni lizowudlalela kusiphi isifundazwe umdlalo weTelkom iqembu leKaizer Chiefs Isithombe: BAKONEPIX

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.