IChiefs ifakazele ubungcono itaxa ngo 10-0 iChippa

Isolezwe ngeSonto - - EZEMIDLALO - MALIBONGWE MDLETSHE

KUSUKA yasungulwa iMultiChoice Diski Challenge (MDC) izinkunzi zaseSoweto i-Orlando

Pirates, akucaci ukuthi zihloseni ngayo ngoba azigcini ngokungasinqobi isicoco kodwa ziyibamba emsileni kuze kuyovalwa masizini wonke.

Nasekukhuphuleni abadlali Ezimnyama zingomvakwezinye, zibalwa nahamba phambili ngokuthenga.

Kunokukhuphula abadlali beMDC,

Ezimnyama zizitapela abadlali kwiChippa United ziphinde zithukuse khona ezingabadingi.

Uma Ezimyama ziqhathaniswa neKaizer Chiefs, zisele ngamalengiso okufakazeleke izolo ibhaxabula iChippa United ngo 10-0.

Selokhu kwasungulwa iMDC umphumela ofuze lona awukaze wenzeke.

Ngesizini edlule iChiefs iyinqobile iDiski Shield yakhuphula abadlali abanjengoSiphosakhe Ntiyantiya, Wiseman Meyiwa, Emmanuel Letlotlo obolekiswe kwiBaroka ngemuva kokulimala okumhlalise ngaphandle isizini yonke, Yusuf Bunting obolekiswe kwiHighlands Park, Bruce Bvuma noLucky Nguzana.

ULetlotlo ushiye kwiMDC ethathe isicathulo segolide. KwiPirates nguLyle Foster umdlali okhushulelwe eqenjini elikhulu.

Kule sizini uveziwe eqenjini elikhulu no-Augustine

Mahlonoko kodwa masonto wonke ubonakala egqoke ibhande likakaputeni weqembu leMDC.

Yize kunjalo, umqeqeshi weZimnyama ezidlala kwiMDC, uMandla Qhogi, uthi umgomo obekelwa abaqeqeshi eqenjini laseOrlando usobala.

“Kudingeka senze kahle sinqobe iligi maduze. Ngeshwa ingxenye yalo mgomo wukuqinisekisa ukuthi sithuthukisa abadlali abazoya eqenjini elikhulu. Uma ubheka sino-Augustine Mahlonoko ovela enkulisa oseseqenjini elikhulu benoLyle Foster,” kusho uQhogi.

“Kuhle ukuthuthukisa abadlali kodwa kufanele uqikelele ukuthi uyawutshala umqondo wokunqoba kubafana.”

Yize esho kanje uQhogi kodwa ukuyibamba kweZimnyama endaweni ka-15 akukhombisi ukuthi umgomo wukulandela iMamelodi Sundowns neLamontville Golden Arrows asebeke banqoba.

UQhogi uzikhalele ngokuthi badlala ngabadlali abasebancane kakhulu, abaneminyaka engaphansi kuka-19.

“Bayafunda kodwa abafana, yizinto ezincane nje ezisele,”kusho uQhogi.

“Sengineminyaka engu-13 ngikwiPirates.

Kule minyaka bengilokhu ngimatasa nokuqeqesha ezinkulisa eqembu. Ngifika nje ngaqala nge-Under 12. Minyaka yonke bengilokhu nginyuka namazinga kwaze kwaba manje njengoba senginikwe leli thuba.”

U-AUGUSTINE Mahlonoko ungomunye wabadlali okuthenjelwe kubo ukuthi benze izinto zenzeke kwi-Orlando Pirates kwiMultiChoice Diski Challenge Isithombe: BACKPAGEPIX

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.