Baphawula ngozodla ubhedu kwi-

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA - DELI MNCWABE

KUHLUKENE imibono ngabazongena kwiTop 3 ohlelweni oluvumbulula ikhono lo mculo i- Idols South Africa.

Lokhu kuhlale obala ngesikhathi Isolezwe ngeSonto lixoxa nabaculi abazakhele udumo ngokuba yingxenye yalolu hlelo esikhathini esidlule. Okunye okuhlale obala wukuthi abalubuki lolu hlelo ngenxa yokuba matasa nemisebenzi yabo emculweni wabo. Yize besho kanje kodwa abanye baqagulile ukuthi babona ukuthi ubani ongase adle ubhedu.

Sekusele abane okubhekeke ukuthi kubona oyedwa wabo aphume namhlanje kusale abathathu, abazobe sebeqhudelana ukuze kutholakale ingqwele.

Kulabo abaxoxe naleli phephandaba kubalwa uThami Shobede owayekulolu hlelo ngo-2016.

Uthe yize bephiwe bonke futhi kubafanele ukuya phambili.

“Ngibona ukuthi uKing B, Yanga noThato yibona abazongena kwiTop 3,” usho kanje uThami.

Igama likaThato liphinde lavezwa nguMthokozisi Ndaba ogqame ngonyaka owedlule.

Uthe okuhlale obala kuyena yizinga elicokeme elikhonjiswa abaculi kulo nyaka.

“Kunzima ukukhetha omunye ushiye omunye kulaba abaculi abakhona kulo nyaka ngoba bonke baphiwe emculweni,” kuchaza uMthokozisi.

Yize kunjalo uthe uThato Makape uyayigeza inhliziyo yakhe ngenxa yokuzimisela akukhombisayo uma esesteji.

“UThato uhamba phambili kimina ngendlela enza ngayo uma esecula esteji. Ngimbona ezongena kwiTop 3 noThando,” usho kanje.

UMmatema Moremi owehlulwa nguKarabo Mogane ngo-2015 ukhale kakhulu ngokwehluleka kwakhe wukubona ongcono kunomunye ngenxa yokucokama kwezinga nekhono kulo nyaka.

Bheka isithombe sabane abakuma- Idols ekhasini lokuqala lezemisakazo

MTHOKOZISI NDABA

MMATEMA MOREMI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.