Usomabhizinisi kwabagaqele ese-ANCYL

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA - KHETHA SANGWENI

UYASHUBA umbango wezikhundla ze-ANCYL kuzwelonke njengoba sekuvele negama likasomabhizinisi waseThekwini uMnuz Calvin Mathibeli okuthiwa uphakanyiselwe kwesikamgcinimafa jikelele walolu phiko.

Ingqungquthela yalolu phiko ebhekwe ngabomvu, bekufanele ihlale ngenyanga edlule eNasrec, eGoli, kodwa yahlehla.

Ngokwezitatimende ezahlukene ezikhishwe amagatsha aseLimpopo kuvela ukuthi uMathibeli uphakanyisiwe kanye namanye amalungu enhlangano.

Kunezifunda zaKwaZulu-Natal, Gauteng, Mpumalanga nase-Eastern Cape ezimphakamisayo uMathibeli.

Lesi sikhundla sikamgcinimafa singase sibangwe nguNksz Tsileng Sebuthongo noMnuz Reagan Boysen.

UMathibeli ebuzwa ngalokhu uthe uzwile ukuthi kunamagatsha amphakamisayo wathi uyakwemukela lokho.

“Uma ngiphakanyiswa amalungu enhlangano ngeke nginqabe ngoba ku-ANC kukhuluma abantu, abafuneki abantu abazibekayo ezikhundleni,” kusho uMathibeli.

Omunye umbango oshisa phansi owesikhundla sikamengameli walolu phiko okubhekwe kuwona abaholi baKwaZulu-Natal uMnuz Thanduxolo Sabelo onguNobhala wesifundazwe, noMnuz Reggie ‘Govner’ Nkabinde onguMgcinimafa Jikelele.

Kuvela ukuthi uSabelo usawuhola phambili lo mjaho njengoba enamagatsha amaningi amphakamisayo.

Ozonqoba kwesomgcinimafa jikelele uzobe ethatha izintambo kuMnuz Collen Maile osephelelwe yisikhathi kulesi sikhundla.

Kuphinde kuvele negama lesishoshovu se#Fees Mus Fall uMnuz Mcebo Dlamini okungaqondakalai ukuthi ufunelwa siphi isikhundla kodwa ukukhuluma kuthi ukhonjwa kwesikamengameli.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.