Zehle mi echaza ngemali kamasingcwabisane

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA - DELI MNCWABE

UKHALE mi izinyembezi umculi wowokholo u-Andile Majola ngesikhathi echaza ngezinsolo abhekene nazo zokubaleka nemali kamasingcwabisane iZesuliwe Dignified Funerals.

UMajola wodumo lwengoma ethi Nanoma Niyangibona nophinde abe ngumfundisi, uvukwe umunyu wakhala ngesikhathi esechaza ngabambophela amanqina enyathi ngokucekela phansi isithunzi sakhe nebhizinisi azipatanisela ngalo.

“Ngisola isandla sesithathu kule nto. Ngiyathandaza kuNkulunkulu ukuthi abaveze laba bantu abadlala ngami ngoba kungamanga abakushoyo ngebhizinisi engikulona,” zehla izinyembezi kuMajola.

Uze ukhala kanje u-Andile kulandela ukuthi leli phephandaba libhale ngesikhalo samakhasimende egatsheni lalo likamasingcwabisane eliseMgungundlovu.

Amakhasimende abekhala ngokuvalwa kwamahhovisi yize kade besanda kuba ngamalungu kuwona.

Ngokuthola kweSolezwe ngeSonto la mahhovisi avulwe ezinyangeni ezine ezedlule kanti anamalungu alinganiselwa ku-150.

Nakuba ngeSonto eledlule ayethe uyinxusa kulo masingcwabisane akuwona owakhe kodwa kuleli sonto ugonyulukile, waveza ukuthi ungomunye wabaqondisi.

“Sibane sibambisene ngokulingana ebhizinisini.

Sonke safaka imali sasungula leli bhizinisi. Sibe sesihlukaniselana imisebenzi ngokubheka ukuthi umuntu ngamunye umandla ngalaphi. Mina nganikwa owokumaketha, ezokuxhumana nokuba yinxusa lebhizinisi ngoba ngiyaziwa,” kusho uMajola.

Mayelana negatsha eliseMgungundlovu okubikwe ukuthi amakhasimende alifice lilenga ingidi, uthe akulona iqiniso.

Uthe basola omunye wesifazane obesebenza khona ngokuhubhuza amanga.

Uthe bazwe nokuthi ubeke abonakale esabalalisa amapheshana abanye abangcwabi abakhelene nebhizinisi loMajola.

“Ozakwethu bakhethe ukummisa emsebenzini ngoba sisaphenya umnyombo walama hlebezi,” kusho uMajola.

Isolezwe ngeSonto lihabule ukuthi akusiye ukuphela kwenxusa kule nkampani kukhona noMnuz Lucky Makhathini.

UMakhathini uthe washiya ngokushesha ngoba kwakungekho sivumelwano esibhalwe phansi sokusebenza.

“U-Andile wacela ukuthi ngibe yinxusa labo. Sasebenza kancane kodwa ngasheshe ngayeka ngemuva kokuthi ngiphucwe imoto yenkampani iZesuliwe abantu engingabazi,” usho kanje.

UMajola uthe kuyiqiniso okushiwo uMakhathini.

“Akaphucwanga umuntu angamazi imoto. Ozakwethu bayilanda ngoba kungeyenkampani engasayibuyisi,” kuphendula uMajola.

Mayelana namahlebezi okuthi isimo sezimali asimhambeli kahle, uMajola uthe: “Ngiyaxakeka njengawo wonke umuntu kodwa angingeni ohlwini lwabahluphekayo.”

UKHALA ngesandla sesithathu umculi wokholo u-Andile Majola osebhizinisini lamakhaza okubikwe ukuthi lihaqwe yizinkinga kwayena kwathiwa ubaleke nemali yabantu Isithombe: FACEBOOK/ANDILE KAMAJOLA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.