Abomndeni kaHHP nabo baya enkantolo

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA - AMANDA MALIBA

UMNDENI kaHHP uzimisele ukuya enkantolo uyophikisa isinqumo senkantolo sokuthi uLerato Sengadi ungunkosikazi walo mculi ongasekho.

Umndeni wakwaTsambo uthatha lesi sinyathelo nje ngenxa yokuthi uthi awusiqondi isinqumo seJaji uRatha Makgoathleng futhi awuhambisani naso.

Okhulumela umndeni wakwaTsambo, uMnuz Nkululeko Ncana, uthe njengomndeni bakholwa wukuthi isinqumo asicutshulungisiswanga kahle.

“Thina sinendlela esenza ngayo nesichaza ngayo umuntu ongunkosikazi ngokwesintu. Yingakho siludlulisela phambili udaba ngoba asikholwa wukuthi konke okugcina kwenze umuntu athathwe njengonkosikazi kwase kuphelelisiwe,” usho kanje.

Uqhube wathi uyise kaHHP, oyinhloko yakwaTsambo nguyena futhi ohola

izingxoxo zelobobo.

“Wayengeke ahambe aye kwamakoti ayomamukela kubo. Yayingeke nje yenzeke into enjalo emndenini wethu,” kusho uMnuz Ncana.

Ijaji lanquma ukuthi uLerato ungunkosikazi ngenxa yokuthi imigomo emithathu ebalulekile ngokomthetho yafezwa.

Kulokho wayekhuluma ngokuthi uHHP noLerato bangabantu abadala ngokwenele, ilobolo lakhokhwa nokuthi kwenziwa umcimbi wokwamukelwa kukamakoti.

UMPHATHI wezinhlelo kuKhozi FM, uZandile Tembe, okuthiwa ushiya umsakazo njengoba esekhonjwa kwaRed Bull Isithombe: INSTAGRAM / ZANDILE TEMBE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.