Itwetwe eKZN ngesifo samaqanda

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA - ARTHI GOPI, VALENCIA GOVINDSAMY NOKHETHA SANGWENI

KUNGAKAPHOLI maseko abantu baseNingizimu Afrika bejabulele ukwehla kwentengo yamaqanda abemba eqolo nokubanike isibindi sokuwaqhofoza ngokukhululeka, sekuvele ukuthi kubheduke isifo iSalmonella esitholakala kuwo amaqanda okwamanje esisaKwaZulu-Natal.

Balinganiselwa ku-30 abantu abangeniswe ezibhedlela ezihlukahlukene ngenxa yalesi sifo. Kubona kukhona abayisikhombisa abebengenele umncintiswano wokupheka endaweni yokudlela i-Old Town Italy, eMhlanga, eThekwini.

UHelen Grosvenor owumhleli womcimbi, uthe kuvele kwashintsha kwaba muncu sekugula abebengenele lo mncintiswano.

Naye ubengomunye wabebephalaza. Uthe bayasola ukuthi baguliswe yinto abayidlile. Uthe umuntu obepheke ukudla abakudlile uxhumane noSpar lapho abethenge khona amaqanda. ISpar naso sithinte indawo abathenge kuyo amaqanda yazihlangula.

Imenenja yaseSpar, uMnuz Tyronne Kerr, uthe basalinde imiphumela yokuhlolwa kwamaqanda.

“Uma kwenzeka imiphumela isitshela ukuthi lokhu kufa kukhona, sizobe sesiwasusa emashalofini ethu.”

URowan Holt waseBarn Eggs lapho okusuka khona amaqanda, ukhuze wababaza wathi bebengakulindele lokho abakuzwayo kodwa wathi bazimisele ukubambisana nalabo abenza uphenyo. Uthe kodwa uphenyo lwesikhashana luveza ukuthi lesi sifo asiveli emaqandeni abo.

Kukhona nojahidada abane basenkulisa eseCowies Hill, entshonalanga yeTheku, abahlolwe odokotela baqinisekisa ukuthi yilesi sifo esibagulisile.

Kunabanye abayisikhombisa abangene eHillcrest Private Hospital akade bezikhiphile beyodla.

Indawo yokudlela kuFlorida Road eThekwini ivale izinsuku ezimbili emuva kokuba amakhasimende eguliswe ukudla obekuneqanda.

Amakhemisi athi lenyukile izinga labantu abathutheleka kuwo befuna imithi yokwelapha izisu ezihlambulukayo. Kuthiwa lesi sifo sidala ukuthi lowo ohaqekile aphalaze, akhishwe yisisu, abe namajaqamba aphelelwe amanzi emzimbeni.

UMnuz Msawakhe Mayisela okhulumela uMasipala weTheku uthe maningi amathuba okuthi lokhu kufa kuvela kuwo amaqanda.

Ungoti wezempilo e-UKZN, uDkt Ozayr Mohamed, uthe lesi sifo sivame ukuhlasela kakhulu amathumbu omuntu.

Uthe sidalwa yinyama engavuthiwe noma amaqanda.

Uthe into ebalulekile yinhlazeko nokuthi umuntu uma enza ukudla ahlambe izandla noma esuka endlini encane nalabo abathanda ukuthinta izilwane. Kusolwa amaqanda avela eBrazil. Izitolo njenge-Oxford Freshmarket zikhiphe izitatimende ezicacisa ukuthi amaqanda azo awaseNingizimu Afrika.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.