UDr Malinga uzokwethula isiphuzo sakhe ngo-2019

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA - KHETHA SANGWENI

UZOKWETHULA isiphuzo sakhe ngonyaka ozayo umculi osezakhele udumo ngemidanso yakhe eyehlukile, nezingoma ezihlala zimangaza abaningi.

UDr Malinga oshisa izikhotha kulezi zinsuku ngengoma ethi Solala Ekuseni, uthi iLingas Energy Drink isimi ngomumo.

Uthe lesi siphuzo sakhe sizoqala ukutholakala ngoJanuwari futhi uzozibambela yena asisabalalise.

Uthe ucela abantu balindele isiphuzo esimnandi esehlukile esinika amandla njengaye njengoba egxumagxuma engakhathali eseshaya adume ngazo.

“Abantu bebehlala bengibuza ukuthi ngidlani njengoba ngihlala nginamandla kanje. Abanye bathi cishe ikhona into engenza ngayo, ngavele ngabona ukuthi kufanele ngiqhamuke nesiphuzo. Ngiwumuntu wamabhizinisi vele ngaphandle komculo nje nginezinto eziningi.”

Uthe lo mkhiqizo ngeke uqale ungene ezitolo ezinkulu ngenxa yemibandela elandelwayo uma ufaka imikhiqizo kodwa izobe idayisa emarobhothini.

Uveze nokuthi akugcini lapho njengoba esezinhlelweni zokusabalalisa amakhondomu namaqakelo uma kwenzeka eyithola ithenda kahulumeni yokwenza lokho.

Uthe amaqakelo uzowabiza ngeDr Solution bese amakhondomu ewabiza ngeDr Malinga Condoms.

UDr Malinga uyaziwa ngezingoma zakhe ezithi Akulalwa, Akulaleki njengoba esekhiphe le ethi Solala Ekuseni.

UZOKWETHULA isiphuzo sakhe maduze nje uDr Malinga onengoma eshisayo kulezi zinsuku Isithombe : FACEBOOK/LINGAS ENTERTAINMENT USEHLALA egadwe ubusuku nemini umculi kamaskandi uKhuzani Mpungose okhala ngokuphepha kwakhe Isithombe: FACEBOOK/KHUZANI KING NDLAMLENZE MPUNGOSE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.