Ikhuza ibuya ikhomishini kaZondo

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA - ZINTLE MAHLATHI

IVULA ngowayenguNgqongqoshe wezamaBhizinisi kaHulumeni, uNkk Barbra Hogan, ikhomishini ephenya ngokulawulwa kombuso yidlanzana, ebuyela kusasa emuva kwekhefu ebilithathile.

Kulindeleke ukuthi uNkk Hogan azilande zonke, achazele ikhomishini ngokwenzeka kuze kufike lapho exoshwa khona kulesi sikhundla ngo-2010.

Kulindeleke ukuthi athi ukwenaba maqondana nengcindezi okuthiwa wayeyithola ngokuthi asize abakwaGupta ukutapa imali kahulumeni.

UNkk Hogan uzolandelwa uMnuz Pravin Gordhan ozovela phambi kwekhomishini ngoLwesine naye azochaza akwaziyo.

UGordhan ungomunye wabaxoshwa uZuma esenguNgqongqoshe wezeziMali.

Ubufakazi babo bobabili sebuvele buputshukele kwabezindaba nokuyinto okuthiwa ayehlanga kahle kusihlalo weKhomishini oyiPhini leNhloko yamaJaji uRaymond Zondo.

UGordhan kuthiwa kulindeleke aphinde achaze ukuthi wazichitha kanjani izimemo ayezithola kwabakwaGupta bemdobela ekhaya labo eSaxonwold.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.