OweDA kwesokushushisa

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA - ZINTLE MAHLATHI

SEKUVELE igama lelungu lePhalamende leDA u-Advocate Glynnis Breytenbach ohlwini lwabantu abagaqele isikhundla somqondisi wezokushushiswa komphakathi kuleli.

Ihhovisi likamengameli limatasa nokuzingela ozovala lesi sikhundla esibalulekile, esivuleke emuva kokuxoshwa kukaAdvocate Shaun Abrahams.

U-Abrahams ubelokhu elandlewa yiphunga esolwa ngokuba umantindane kaMnuz Jacob Zuma obengumengameli.

Ihhovisi likamengameli likhiphe uhlu lwabaphambili okungakhethwa kubona. UBreytenbach uke waba ngumshushisi ngaphambi kokujoyina iDA.

Phakathi kwababhekwe ngabomvu kuphinde kuvele negama lika Advocate Silas Ramaite obambe kulesi sikhundla.

UMengameli Cyril Ramaphosa waqoka isigungu esizobhekana nomsebenzi wokukhetha umuntu ofanelwe umsebenzi.

Uhlu olukhishiwe lunamagama angu-12 okukholakala ukuthi awabantu asebengwevu kulo mkhakha wezomthetho nokuchaza ukuthi abangu-11 bazokhala ngaphansi uma sekukhethwa oyedwa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.