Uyavela osolwa ngokusiza isigebengu

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA - INTATHELI YESOLEZWE NGESONTO

UVELA enkantolo yeMantshi yaseWolmaransstad, ePotchefstroom, umlisa obeyiphoyisa osolwa ngokusiza umsolwa owayetokile ukuba eqe.

Lo mlisa elingeke lidalulwe igama lakhe kuze kube uvela enkantolo, uboshwe ngoLwesihlanu wuphiko lobugebengu obuhleliwe. Uboshwe ngecala alenze eseyiphoyisa ngaphansi kweSAPS ngoAgasti 17 kulo nyaka.

Ngokombiko wamaphoyisa umlisa obeyiphoyisa kukholakala ukuthi ungubhululu kaMnuz Johannes Batsibile (38) owayeboshwe wuphiko lweFamily Violence,

Child Protection and

Sexual Offences Unit

(FCS) ngamacala angu-28 okudlwengula nelokubulala.

Kukholakala ukuthi umsolwa wasiza uBatsibile ukuba eqe ngeshwa washeshe wabanjwa, waboshwa. Uphenyo lwamaphoyisa luthi umlisa obeyiphoyisa wasiza uBatsibile ukuba eqe.

UKhomishana wamaPhoyisa uLietenant General Baile Motswenyane, usishayele ihlombe isenzo samaphoyisa ngokushesha abophe umsolwa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.