INgonyama Trust izophendula ebamangalele

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA - INTATHELI YESOLEZWE NGESONTO

INGONYAMA Trust isikhethe ukuphendula izinhlangano ezingenzi nzuzo ezivulele icala ngodaba lomhlaba.

Izinhlangano iCasas, iRural Women’s Network neSeven Informal Land Rights Holders, ziphonsele iNgonyama Trust inselelo ngodaba lokuqashwa komhlaba zayivulela icala.

USihlalo weNgonyama Trust iJaji Jerome Ngwenya, usole lezi zinhlangano ngokuba nenkinga nezinhloso ezingaqondakali ngeTrust. “Kuyamangaza ukuthi inhlangano efana neCasas ezichaza njengevikela umthethosisekelo izama ukulwa ngale ndlela.”

Uthe bazoziphendulela ngendlela ezobeka isithombe esicacile ngokwenzekayo. Uthe lokhu akuhlangene nabantu uqobo kodwa yitulo labantu abanenkinga nombuso wakwaZulu. Uvikele iNgonyama Trust, waphika ukuthi icindezela abantu basemakhaya.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.