Izinyunyana neziphakamiso kwaSABC

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA - INTATHELI YESOLEZWE NGESONTO

IZINYUNYANA zabasebenzi beSouth African Broadcasting Corporation (SABC) zethule incwadi yeziphakamiso zabasebenzi kubaphathi bale nhlangano emahhovisi ayo e-Auckland Park, eGoli ngoLwesihlanu.

Lokhu kuza ngemuva kokuba iSABC ihlongoza ukudiliza abasebenzi abangu-1 000 abaqashwe ngokugcwele nabanye abangu-1 000 abayitoho.

Abasebenzi bakwaSABC bangene embhikishweni ngoLwesihlanu ngemuva kokuba inhlangano iphakamise ukudiliza abasebenzi abaqashwe ngokugcwele nabayitoho.

Abaphathi beSABC baveze ukuthi ukudilizwa kwabasebenzi yikhona kuphela okungaba yisixazululo ngenxa yesimo esingesihle sezimali esibhekene nale nhlangano.

UNobhala weCommunication Workers Union (CWU), uMnuz Aubrey Tshabalala, uyena owethule uhlu lweziphakamiso zabasebenzi esikhulwini esiphezulu seSABC, uMnuz Madoda Mxakwe.

UMxakwe uthe bayalwemukela uhlu lweziphakamiso, bazolubheka bese beyaphendula esikhathi abakalelwe sona ukuthi babe sebephendulile.

UTshabalala uveze ukuthi bakalele iSABC ukuthi ibe isiphendulile ngoLwesihlanu.

Uthe ngokwabo iSABC bayinike isikhathi esanele ukuthi ikwazi ukuphendula eziphakamisweni zabo njengoba beyinike isonto lonke.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.