Kuhlukene imibono ngolwabasizi babashayeli

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA - DELI MNCWABE

SAMUKELWE ngezindlela ezahlukene isinqumo sokuchithwa kwabasizi babashayeli bamatekisi ahambela ngaphakathi eThekwini okwenzeke ekuqaleni kwale nyanga.

NgoNovemba 1, iSouth

Beach and North Beach Taxi Association inqume ukuqeda ngabasizi babashayeli kulandela ukukhala kwabagibeli ngendlela abebesebenza ngayo.

Lesi sinqumo sithathwe ngemuva kokuthi lo soseshini ubeke izizathu ezinqala njengembangela yokuqeda ngabasizi.

Isolezwe ngeSonto lixoxe nabashayeli ngalesi sinqumo.

UMnuz Sifiso “Skhokho” Myeza ongumshayeli, uthe kushaya umoya selokhu kukhishwe abasizi babo.

“Kuyasebenzeka futhi kuyajwayeleka. Laba bantu bebenza abagibeli bangakhululeki futhi beganga. Ukukhishwa kwabo kushayisa ngomoya, ngiyasincoma isinqumo esithathwe usoseshini,” usho kanje.

Omunye umshayeli ocele igama lakhe ukuthi lingabhalwa ngenxa yokwesabela ukuphelelwa umsebenzi, uthe kunzima ukusebenza.

“Ngiyabakhumbula ngoba bebenza umsebenzi usheshe. Unzima umsebenzi njengoba bengekho. Ngiyazi nabo bebenamaphutha kodwa akusibona bonke, kuhambe nabebelungile,” kusho umshayeli.

URank Manager uMnuz Sifiso Masuku, uthe ujabulela ukuthi usezohola ebhange.

“Ungibona nje senginekhadi lasebhange ngiyilungu likamasingcwabisane futhi. Sesizohola njengawo wonke umuntu, hhayi indaba yokufumbathiswa umholo,” usho kanje.

Okhulumela lo soseshini uMnuz Vusumuzi Mhlane uthe kuningi okuhle okusazokwenzeka abakuhlelile ukuze umsebenzi wabo uthole ukuhlonishwa okufanele.

“Ukukhipha kwethu abasizi babashayeli kube ngenxa yezikhalo ebezilokhu zingena ziqhamuka kubagibeli,” kusho uMhlane.

Uthe bekukhalwa ngokuthi abasizi babashayeli bayangcola abagezi, bebephinde basolwe ngokuntshontshela abagibeli nokulwa nabo, ukweyisa nokudelela bethuke nenhlamba esabekayo.

Uphinde wasola abasizi abaxoshiwe ngokuthi bebegcwalisa amatekisi ngokweqile nokwenza ubugebengu obebugcina bufake amatekisi ehlazweni.

“Uyabona sisi wami, bekuqala ukuthi namuhla (ngoLwesine) sibe namacala amabili kuphela. Kusekhona bona belingapheli isonto kungafikanga abazokhala ngabo Kwawona lamacala ebesiwaqula enzeka kusekhona bona,” usho kanje.

Uthe uLwesine wusuku okuhlalwa ngalo kulalelwe izikhalazo kuqondiswe nobugwegwe.

Uphinde waveza ukuthi akubona bonke abasizi abaphelelwe umsebenzi.

Uthe babacela bonke ukuthi bafake izicelo zomsebenzi babenzisa inhlolokhono yomsebenzi.

“Phakathi kwezinto esazibheka ukuthi umuntu uhlanzekile, akaphuzi, uthembekile, unolwazi ngemithetho yomgwaqo, akazidli izidakamizwa nokuthi kungakaki emangalelwa.”

Lo sosesheni wandise amarenki emgwaqeni afaka nezimenenja eziqaphe umsebenzi kusukela ekuqaleni komgwaqo uPixley Ka Seme kuyofika eShaka Marine naseSuncoast. Lokhu kwenzelwe ukuthi amatekisi angami noma yikuphi futhi alawuleke. Kuphinde kwafakwa izimoto ezibhalwe ukuthi Moja Cruise, ezibhekele isimo nokuphepha emgwaqeni.

UMhlane ucele ukuthi umphakathi ubabekezelele kulezi zinguquko.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.