I-SRWP ithi imele izimfuno zabahluphekayo

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA -

njengoba kucaca ukuthi sekunesikhathi nabona ukuthi ayisenzi eyasungulelwa khona iSACP?

ISINQUMO sokuthi iNumsa ibe neqembu lepolitiki, sathathwa engqungqutheleni yayo yango-1993 kodwa kwangaqhutshekwa naso ngoba yonke into ibisahanjiswa ngendlela. Besinethemba lokuthi iSACP izobuye ibuyele endleleni kodwa siyabona ukuthi ngeke isabuyela.

NJENGOBA iNumsa ijoyinwe abantu abaqhamuka emaqenjini ehlukene, ngabe ukuba neqembu sekusho ukuthi kuzomele bawashiye yini amaqembu abo?

AKEKHO umuntu ozophoqwa ukuthi ajoyine iSRWP, kodwa sizobagqugquzela abantu ukuthi bayijoyine ngokucacisa izinhloso esinazo ngeqembu.

KUNGENZEKA yini sithole abaholi beSRWP kube yilaba abahola iNumsa manje?

ASIKHO isiqiniseko salokho kodwa abaholi bayokhethwa amalungu eqembu ngesikhathi sengqungquthela. Kuzobe kungabalulekile ukuthi umuntu uqhamuka kwiNumsa noma kwelinye iqembu lombusazwe, kodwa uma kufanele abe kuleso sikhundla uzokhethwa abantu. Nami njengoba ngingusihlalo obambile, akusho ukuthi yimina oyokhethwa uma kungukuthi amalungu abona ekhona omunye umuntu ongasiphatha lesi sikhundla.

KUKE kwaba nombango phakathi kweSRWP neSACP ebikhala ngokuthi ilogo yenu ifana neyayo, kungani nisebenzise efanayo?

LOKHO bekuyitulo lepolitiki nje ngoba ukube ilogo yethu iyefana neyeSACP sasingeke sivunyelwe ukulibhalisa ngokusemthethweni.

KUKE kwavela ukuthi iSRWP niyifanisa ne-United Democratic Front (UDF) ngendlela esebenza ngayo,

USIHLALO obambile weSocialist Revolutionary Workers Party (SRWP), uMnuz Zanoxolo Wayile, uthe basungule iqembu lepolitiki elimela izimfuno zabantu abahluphekayo ngoba wonke asekhona afeza imfuno zongxiwankulu Isithombe: FACEBOOK / ZANOXOLO WAYILE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.