Sicela ukhulume into oyaziyo Celazimnike

Isolezwe ngeSonto - - EZOKUNGCEBELEKA -

ABANTU abafana noCelazimnike yibona abenza sengathi kumaskandi kugcwele izinyoni.

Ngizwa ekhalela ingoma kaVusi Nova ethi Asiphelelanga, ethi eyakhe wayiphiwa yi-ANC.

Uyithathaphi le nto oyishoyo Celazimnike? Uyayazi i-ANC wena noma ucabanga ukuthi umngani wakho lo odla naye inhloko u-Ali Mgube?

Sicela nenze umculo kamaskandi uhlonipheke Celazimnike, inina laba enisiqhatha nabantu baseGoli baze basibize ngezinyoni.

Nizojike nikhale nithi anihlonishwa nibadala kanti inina.

UCELAZIMNIKE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.