Ulele iminyango a ngeYadini

Isolezwe ngeSonto - - EZOKUNGCEBELEKA -

Ehlobo engiyikhiphe ngoJulayi kulo nyaka. Bengijwayele ukuziculela izingoma zegqom’ ezingenamyalezo, ngibuye ngibhalele abanye abaculi abasafufusa abangaphansi kwenkampani yethu, Uju Records eseFolweni,” kusho uManqonqo.

Uthe ingoma yakhe isimvulele amathuba amaningi njengoba umphathi waseYadini Lounge, uJabulani “Mjey” Zama esemnike ithuba lokuthi anandise Eyadini njalo ngeMigqibelo.

Uqhube wathi uMjey, uphinde wamlekelela ukuthi ingoma yakhe idlalwe nakuMetro FM njengoba kunguyena oyithumele kulesi siteshi.

Ngokucula ngeYadini Lounge, uthe akanasizathu esitheni ngokukhetha le ndawo kodwa uyikhethe ngoba kungenye yezindawo zobumnandi okuhlala kukhulunywa ngayo.

“Bengingacula ngazo zonke izindawo zobumnandi ezihamba phambili eMlaza kodwa bengingafuni ukuzihlanganisa zonke engomeni yami ngase ngikhetha ukucula ngeYadi.

“Bengifuna nokuthi ihluke kwezinye izingoma ezike ziculwe ngezindawo eziningi zobumnandi,” kuqhuba uManqonqo.

Uthe ngenxa yale ngoma kuningi osekushintshile empilweni yakhe njengoba eseqashwa nasemicimbini emikhulu.

Uthe omunye umcimbi omkhulu aqashwe ukunandisa kuwona yiGagasi FM Beach

Festival ezoba ngoDisemba 1, eThekwini. Uthe nakwi#FillUpMoses Mabhida Stadium kaCassper Nyovest kungenzeka abe khona kuyona kodwa bekungakaqinisekiswa ukuqashwa kwakhe kuyona, kodwa zikhona izingxoxo ezikhona ngokuqashwa kulo mcimbi.

UFISA ukulingisa emafilimini azokhonjiswa naphesheya umlingisi omusha woZalo uMthandeni Mbambo odlala indawo kaJackson Isithombe: SITHUNYELWE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.