Beliphansi izinga kumaRoyalty

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA - AMANDA MALIBA

LEHLILE izinga lemiklomelo yezindondo yaminyaka yonke amaRoyalty Soapie Awards ekhuze ibuya ngemuva kweminyaka emibili yagcina ukubakhona. Ibise-Emperors Palace, eGoli.

Le miklomelo obekungunyaka wesithathu ibakhona, isungulwe ngowayengumlingisi weGenerations, uWinnie Ntshaba.

Ukushoda kwabalingisi abebeyihambele kwenze wangaba sezingeni olifanele. Phakathi kwabalingisi abebekhona singabala uThembi Nyandeni, Anga “Naakmusiq” Makubalo, abalingisi beSkeem Saam oDieketseng Mnisi noShoki Sebotsana, Tema Sebogodi, Motlatsi Mafatshe noZinhle Mabena.

Iningi labalingisi bebengabonwa kulo mcimbi.

Yize kunjalo kodwa abambalwa abebekhona bebekhiphe unyawo ngendlela abebegqoke kahle ngayo.

Usomahlaya uMpho Popps naye udlale indima enkulu ngokusingatha lo mcimbi ngendlela esezingeni eliphezulu.

Ukushoda kwabalingisi abebewuhambele kuphinde kwaba nomthelela ongemuhle ngoba baningi abawinile abebengekho.

Nasesteji bekusetshenziswa umbhobho owodwa futhi nabantu bekubukeka bengachazelekile ukuthi kumele baphume babheke kuphi ngemuva kokulanda indondo. Lokho kucace ngesikhathi owokuqala owinile ethatha indondo, wavele waqonda esihlalweni sakhe eyohlala phansi nendondo.

Lokho kwenze owesibili owine indondo wangaba nayo indondo azonikwa yona futhi kwangaba nencazelo ecacile ukuthi iphi indondo yakhe.

Abanqobile kule miklomelo uThembi Nyandeni othathe indondo ye-Outstanding Lead Actress, uLesego Marakalla wathola i-Outstanding Female Villain, uLeroy Gopal wathola i-Outstanding Male Villain, uKope Makgae wathatha eye-Outstanding Newcomer kwathi uMotlatsi Mafatshe wathola i-Outstanding Lead Actor.

Umdlalo wethelevishini owine indondo enkulu Isibaya esithathe indondo ye-Outstanding Soapie of the Year.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.