Ungoti uthi ingazelwa ngobuso iBlack Friday

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA - KAREN PRETORIOUS

ONGOTI bezomnotho baxwayisa abantu bakuleli ukuthi baqaphele bangaluzeli ngobuso usuku lwezaphulelo olubizwa ngeBlack Friday oseluseMome nolwenza abantu bakhithize yonke inhlobo yempahla abayithandayo.

USomnotho omkhulu we-Efficient Group, uMnuz Dawie Roodt, uthe uyabazi abantu bakuleli ukuthi bayazifela ngokusebenzisa imali yabo bekhithiza.

Uthe kodwa lokhu kuyingozi ngoba kungadala ukuthi basale bencela izithupha bengasenamali.

Uthe empeleni lolu suku lwendali lusuke kufanele luhlomulise umthengi nomdayisi.

“Kuvame ukugcina ngokuthi lowo obethenga asale ezisola ngakusasa engasenamali isisangulukile inkungu.”

UMengameli weCape Chamber of Commerce uJanine Myburgh, uthe abadayisi bahlakaniphe kabi basuke befuna ukuzuza kakhulu ngalesi sikhathi.

“Kuphinde kube yithuba labadayisi lokuchitha impahla endala ngoba vele bayazi ukuthi izothengwa kusuke kuphithizela kakhulu,” kuxwayisa uMyburgh

Uthe kulungile kulabo abasuke befuna ukuthenga impahla esebenza ngogesi njengamathelevishini wathi bangawathenga ngalolo suku kodwa baqaphele.

Amathiphu ongawasebenzisa ngeBlack Friday :

Hlela kahle konke ozokwenza ngalolu suku

Bheka konke wenze uhlelo lwakho usahleli ekhaya

Gada izingane ungaziyeki zibe wuvanzi zihambe zodwa

Gada izimpahla zakho ezifana nezikhwama nokunye ungazishiyi zingabhekiwe

Ungaphathi imfumba yemali, kungcono ukusebenzisa ikhadi uma ukhokha

Vula amehlo uma usebenzisa umshini wokukhipha imali, ungayivezi imali oyiphethe emphakathini

Qinisekisa ukuthi imoto yakho ikhiyiwe

Beka phansi umoya ubekezelele abanye abantu abazothenga nabanye nabanye abashayeli emgwaqeni

UMENGAMELI Cyril Ramaphosa oseshaye ungqimphothwe ngolwendodana Isithombe: SIGCINIWE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.