Owomthetho uphika eyokucwasa

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA - JONISAYI MAROMO

OMUNYE wabagaqele isikhundla sikaMqondisi wezokuShushiswa koMphakathi kuzwelonke, u-Advocate Shamila

Batohi, usephike walala ngomhlane ukuthi uyacwasa ngokwebala.

U-Adv Batohi ube ngowokugcina kwabebephekwe ngobhojwana esithangamini senhlolokhono esisongwe ngoLwesihlanu.

U-Adv Batohi othathwa njengomakadebona kwezomthetho, futhi oke waba umshushisi omkhulu KwaZulu-Natal, uthi kwakungamanga abantu lokhu okwakushiwo ngaye.

“Ngiyazi ukuthi zake zabakhona lezo zinsolo kodwa kwangacaca kahle ukuthi zisukaphi. Akekho owake waphumela obala wangitshela ukuthi ngangicwasa ngokwenzani kwami,” kuchaza u-Adv Batohi oke wasebenza eNkantolo yoMhlaba.

U-Adv Batohi ubetholene phezulu nezinye izingwevu kwezomthetho ezibheke lesi sikhundla ngamehlo abomvu.

Lesi sikhundla savuleka emuva kokuba u-Advocate Shaun Abrahams ekhonjwe indlela ngemuva kokuphuma kwesinqumo senkantolo esithi waqashwa ngokungafanele.

U-Adv Batohi uthe kodwa bonke labo ababemsola ngokucwasa sewabaxolela wakudlulisa konke lokhu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.