Zandile izingane ezikhulelwayo

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA - INTATHELI YESOLEZWE NGESONTO

UNGQONGQOSHE wezeMpilo kuzwelonke, uDkt Aaron Motsoaledi, uthi ukukhulelwa kwamantombazane asemancane kunomthelela wokunyuka kwesibalo sezingane ezizalwa kungakabi yisikhathi.

Uthe sinyukile isibalo sezingane ezizalwa kungakabi yisikhathi.

Uveze ukuthi izingane eziningi ezizalwe kungakabi yisikhathi sazo, ezamantombazane asemancane.

Emhlabeni jikelele zilinganiselwa ku-15 million izingane ezizalwa kungakafiki isikhathi sazo. Lokhu kusho ukuthi ezinganeni ezingu-10 ezizelwe, eyodwa izalwa kungakabi yisikhathi sayo.

UMotsoaledi uthe ukuzalwa kwezingane kungakabi yisikhathi akuyona inkinga yesimo sezempilo eNingizimu Afrika kodwa inkinga yezwe.

“Amantombazane akhulelwayo isikhathi esiningi aphakathi kweminyaka engu-10 kuya ku-19. Sizibekele ukuthi okungenani sibe ngaphansi kuka-5% isibalo sabesifazane abasebancane abakhulelwayo.

“Njengamanje isibalo samantombazane amancane akhulelwayo siku-13 %.

“Umzimba wentombazane eneminyaka ephakathi kuka-10 no-19 usuke ungakakulungeli ukuthwala umntwana,” kusho uMotsoaledi.

UNGQONGQWOSHE wezeMpilo uDkt Aaron Motsoaledi Isithombe: ESIGCINIWE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.