Bashaya amakhala ngoshone eyothwasa

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA - KHETHA SANGWENI

USHAYA amakhala umndeni wowayeyisikhulu soMnyango wezeMfundo esifundeni uMlaza okuthiwa sishone emuva kokudalakaxwa emzini waso yisangoma ebesihlala kuso iminyaka sithwasa.

UNkk Rosemary Geligeli Mtolo (58) waseMbumbulu, ubeyisikhulu ophikweni lwakwandabazabantu emahhovisi omnyango eTruro House, eThekwini.

Kuthiwa wayelokhu ehambe ekhaya ngo-2014 ehleli kulesi sangoma sesifazane.

Indodana yakhe, uMnuz Bongani Mtolo, ithi kukhona okushaya amanzi ngokushona kukanina. UMtolo uthe unina wabhunguka ngo-2014 engezwa mshini ngalesi sangoma esithengela ngisho igilosa engafuni ukubuya ekhaya.

Isangoma esisolwayo esenqabile negama sathi sibizwa ngoMakhosi, sithe sisola inzondo ngokushiwo ngaso.

“Kade angiqala lo mfana, akangifuni nhlobo ungcolisa igama lami kodwa idlozi lizongiphendulela,” kusho uMakhosi.

Indodana yakhe ithi isangoma simbuyise esesimeni esibi walala ubusuku obubodwa washona. Ngemuva kokushona kwakhe kube nezimpawu zokuthi udle ushevu okwenza basole isangoma.

UMakhosi uthe: “Angikaze ngidlise umuntu mina, ngiyelapha kuphela ngisho ungafika esigodlweni sami uzozibonela.’’

UMtolo uthe: “Kungenzeka ukuthi babonile ukuthi isiyabuya ingqondo kumama, useyayibona yonke le nto bavele bambulala. Sifuna iqiniso lihlale obala ukuze kwenziwe ubulungiswa. Sihlukumezeke kakhulu ngendaba kamama.’’

UMakhosi uthi akazange amhambise umufi ekhaya.

“Uhanjiswe yindodana yami eyiphoyisa, yafika yambeka eSiphingo engaguli engenalutho ngimangele uma sekuthiwa ushonile. Inhliziyo yami ibuhlungu ngoba besihleli kahle naye, akakaze akhombise ngisho ukugula,” kuqhuba uMakhosi.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Thulani Zwane, uthe amaphoyisa avule idokodo lophenyo ngokushona komuntu.

“Owesifazane utholakale eshonile enezilonda zokusha ezingalweni zombili. Amaphoyisa aseMbumbulu ayaphenya,’’ kusho uZwane.

UMtolo uthe amasampula obuthi atholakele athunyelwe ukuyohlolwa ePitoli ukuze babe nesiqiniseko sokuthi yini ayidlile. Umufi ungcwatshwe izolo eMbumbulu.

BASHAYA amakhala abomndeni kaNkk Rosemary Geligeli Mtolo okusolwa ukuthi udle ushevu emuva kokuhlala esangomeni iminyaka Isithombe : SITHUNYELWE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.