Ubopha umqashi athi ungqongqise izingubo zakhe

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA - KHETHA SANGWENI

UMSEBENZI wasendlini ubopha umqashi wakhe amsola ngokungqongqisa ngomlilo izimpahla zakhe zokugqoka ngoba ecikwa ukuthi uhambe waya kubo kunomsebenzi, bengavumelene.

UNksz Sithembile Mthiyane uvutha engabaselwe, uthi umqashi wakhe owumqondisi womunye weminyango kuMasipala eMthonjaneni ufuna afunde isifundo.

UNksz Mthiyane uthi wacela kahle ukudedelwa ayoba yingxenye yomsebenzi womndeni kodwa umqashi wenqaba, wagcina ehambe ngenkani.

“Ngathola umyalezo weselula kuthiwa ngixoshiwe emsebenzini. Uma sengithi ngilanda izimpahla, ngazithola zishisiwe.

“Umqashi wakhuluma ukuthanda kwakhe uma ngibuza ngokushiswa kwezingubo zami,’’ kuchaza uNksz Mthiyane. Uthe noma ngabe babexabene kodwa sasingekho isidingo sokuthi ashise izimpahla zakhe.

Ethintwa umqashi uvumile ukuthi uyamazi lo wesifazane ubesebenza kuye kodwa, uthe akafuni ukwanda ngamaningi ngoba usemangalelwe.

Uthe useyophendula eMantshini uma sekuhleli icala.

“Wephula imibandela yokusebenza eminingi ngoba nezingane zami zasala zodwa zingagadwe muntu. Le nto ayenza ifana nokulaxaza umsebenzi, mina njengomqashi wakhe akangiphathanga ngendlela enobulungiswa,’’ kuchaza lesi sikhulu ngamafuphi.

Okhulumela amaphpyisa KwaZulu

Natal, uLiutenant Colonel Thulani Zwane, ukuqinisekisile ukuthi livuliwe icala wathi amaphoyisa ayaliphenya.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.