Bamenyezelwe abazonandisa kwiNanda Dam World Music Fest

Isolezwe ngeSonto - - EZOKUNGCEBELEKA - THOKOZANI NDLOVU

SELUMENYEZELWE uhlu lwabaculi abazonandisa kwiNanda Dam World Music Festival ezoba ngoDisemba 9, KwaNgcolosi, eNanda.

Phakathi kwabo kukhona iLadysmith Black Mambazo, Lira, Oliver Mtukudzi, Jeremy Oliver, Mbuso Khoza, The Muffinz, Joe Nina, Steve Kekana neShabalala Rhythm. Abaphathi bohlelo uSelbeyonce woKhozi FM noSimphiwe Majozi ongumlingisi woZalo.

Umhleli walo mcimbi okuzoba ngowokuqala kulo nyaka, uXolani Majozi, uthe bazonika namaqembu esicathamiya ithuba lokunandisa kulo mcimbi.

“Sihlele ukuthi kube nehora elikhethekile okuzobe kunandisa ngalo amaqembu esicathamiya wodwa. Phakathi kwawo kukhona iZulu Messengers, White Mambazo namanye. Inhloso ukuwanika ithuba lokuthi anandise emicimbini emikhulu. Siphinde sanika amaqembu adlala izinsimbi aseThekwini ithuba lokuthi adlalele bonke abaculi abazonandisa emcimbini ngenhloso yokuvula amathuba omsebenzi nakubona. Maningi amabhendi akhona eThekwini kodwa angaqashwa. Sinqume ukuthi kube yibona abadlalela abaculi abazobe benandisa kulo mcimbi kunokuthi bafike namabhendi abo,” kusho uMajozi.

Uthe amathikithi aseqalile ukudayisa eComputicket ngoR200 futhi awekho abiza ngaphezu kwalokho.

Uthe umcimbi bawuhlelele ukuthi ube wusuku lemindeni lokuzikhipha, yingakho nezingane zizobe zamukelekile kuwona. Uthe izingane ezineminyaka engu-10 zikhokha imali egcwele. Ezingaphansi kwale minyaka, uthe zizobe zingena mahhala. Abantu uthe bavumelekile ukuthi bafike bephethe amacamp chairs nama-cooler box kodwa awavumelekile amabhodlela afayo.

Uqhube wathi, bahlele ukuthi umcimbi uqale ngo-12 emini ukuze uphele ngabo-9 ebusuku ngoba abafuni abantu bahambe sekusebusuku kakhulu ngoba kuzobe kukhona nezingane.

Ngokwabaculi abazonandisa kulo nyaka, uthe kungenzeka bengezwe kodwa akukakaqinisekiswa lokho. Ngokwezinhlelo zalo mcimbi njengoba kuzoba owaminyaka yonke, uthe abazosebenzisa abaculi ababodwa iminyaka ilandelana ngoba bafuna ukunika bonke abaculi ithuba.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.