Shi Movement

Isolezwe ngeSonto - - EZOKUNGCEBELEKA -

hhash’elimhlophe. eqophile laba babone gumqondo muhle uthi sheshe hulwe emphakathini njengoba kwavezwa nangesikhathi besanda kutholakala.

Uthe nangelanga okuzobe kwethulwa ngalo Ihhashi Movement, nalo (Ihhash’elimhlophe) lizobe linandisa nabo eBat Centre.

Uthe bazoqala ngokuthi kungene umculi ngamunye esteji anandisa njengoba bonke benezingoma zabo, baphinde bangene bonke.

Kuhlelwe ukuthi baqale ukunandisa kusuka ngo-10 ekuseni kuze kushone ilanga. Ihhashi Movement libunjwe yizinsizwa eziyisishiyagalolunye. Zonke zingabadlali besiginci, futhi Ihhash’elimhlophe lithe akukho abangakwazi ukukwenza okudingeka kumculi kamaskandi.

Inhloso yokusungula Ihhashi Movement, ukuvundulula ikhono komaskandi abangavelele nokubathuthukisa emculweni. Ngokusho kweHhash’elimhlophe, asebekwazi ukuzimela emculweni kulaba baculi, lizobadedela liphinde lifake abasha.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.