Kazi ubugcobeni Yaya

Isolezwe ngeSonto - - EZOKUNGCEBELEKA -

SIYAMBONGELA uYaya Mavundla ngokuwina indondo yeSocialite of the Year kumaFeather Awards eGoli kuleli sonto. Into ethande ukungiphazamisa ngaye, indlela abebukeka ngayo ebusweni ngesikhathi ehambele lo mcimbi.

Ubegcobe ubuso bamhlophe engathi ubethelwa ngomlotha. Ngeke ngikubuze ukuthi ubugcobeni Yaya kodwa uyathusa umuntu oqhamuka kubantu engathi akadlulanga esibukweni.

Emoyizelela wonke umuntu ahlangana naye kuhle komuntu odayisa umshwalensi.

UDJ Fresh no-Oskido

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.