Ugwinye izinsimbi namabhawodi

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA/EZINGAJWAYELEKILE -

BASALE bekhexile odokotela base-India emuva kokuhlinza owesifazane kwaphuma inqwaba yamabhawodi okungaqondakali ukuthi ubewagwinya kwenze njani.

Kuthiwa lo wesifazane uqale wakhala ngezinhlungu kwesingezansi waphuthunyiswa esibhedlela nokuyilapho okufike kwavela khona ukuthi kukhona okungajwayelekile esiswini sakhe.

Kuthiwa kuphele amahora amathathu odokotela bekhipha amabhawodi esiswini nezinye izinsimbi.

Phakathi kwezinto eziphumile kukhona oziphu, umthofi, indandatho nokusanaliti.

Odokotela bathi lo wesifazane kungenzeka ukuba unesifo esingajwayelekile i-Acuphagia esidala umuntu ukuba alangazelele ukudla izinto ezingadliwa ezicijile isikhathi esiningi.

Uthe sibuye sihambisane nokuthi umuntu athande ukudla ngisho into engcolile namaphepha uqobo ngenxa yaso.

Udokotela uthe lesi sifo sikhona kodwa asandile ngoba bathola cishe isiguli esisodwa ngonyaka esisuke sizoxilongelwa lokhu.

Sezizonke lezi zinto eziphume esiswini sakhe zingu-1.5 kg uma zikalwa nokuyinto eshaqise abaningi ukuthi ubephila kanjani nazo.

Udokotela uthi lo wesifazane ubezwa isisu sakhe siqumba sengathi ugwinye itshe.

Udokotela uthe into ebiyingozi kakhulu ukuthi enye insimbi ecijile ibigcina imgwaza amaphaphu.

Kuvele ukuthi lesi siguli sihlale esibhedlela inyanga yonke ukuze kuqinisekiswe ukuthi sikhishwa sesisemeni esigculisayo. – The Daily

Mail

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.