Uboshiwe olume izinwele zowesifazane

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA/EZINGAJWAYELEKILE -

IKHALELWE amasongo kaSigonyela indoda yaseTaiwan edle izinwele zowesifazane emuva kokuthi imshaye ngemfe iphindiwe, ithi icela ukumsusa isilwane ekhanda.

Le ndoda eneminyaka engu-23, echazwe ngokuthi uMnuz Zhong, kuthiwa igibele ikheshi nale ntokazi yama emuva kwayo iyikhothela amadevu.

Iqale yahogela izinwele yase ithi icela ukumsusa isicabucabu, naye wavumela phezulu ngokwesaba ukulunywa yilesi sinambuzane kanti uzolunywa yindoda.

Ukhuze wababaza lo wesifazane esethola ukuthi kanti le ndoda iluma izinwele zakhe wakhala wayomceba esokeni ebelisendlini.

Isoka lithinte abaqaphi bebhilidi nabo bathi ayingangabo babiza amaphoyisa.

Kuthiwa konke lokhu okwenzeke ekheshini kuqoshwe yikhamera futhi kuzosebenza uma sekudingeka ubufakazi. Isoka lithe lisamangele ukuthi lo mlisa ubeze adle izinwele ngoba kwenzenjani.

“Sengathi bahlangane nalo mbhemu ekheshini wase eba umuntu ofuna ukumsiza, nalo wami wavuma wanganaka ngoba esaba isilwane.

“Ngokuhamba kwesikhathi uzwile ukuthi kukhona okungahambi kahle okwenziwa yilo mlisa ekhanda lakhe,” kubeka isoka.

Kuthiwa lo mkhuba ubeke wawugila nakomunye wesifazane kuyo le ndawo abahlala kuyona. – The Daily Mail

UYAZISOLA ngokushwabadela izinwele zowesifazane umlisa waseTaiwan ogcine ebhadle esitokisini ngalesi senzo Isithombe : THE DAILY MAIL

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.