Udumele enqatshelwa ukucula

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA/EZINGAJWAYELEKILE -

UMNIKAZI webhendi ecula ethaveni iCafe Negril engadumile eNew Orleans, uphuthelwe yingqayizivele yokucula nesihlabani somculi uChristina Aguilera.

Lesi sigameko kuthiwa senzeke kuleli sonto endaweni engekho ezingeni lomntakabani.

Ngokusho kwabazibonele uChristina Aguilera ubezigqokele ngendlela ebimenza angabonakali ukuthi ungusaziwayo.

Ngokwabazibonele nabo bengakholwa kahle ukuthi nguyena, bathi uye kuClaude Bryant ongumholi webhendi iThe AllStars, wacela ukushaya umucu wengoma.

Umnikazi webhendi uzibonele intombazane nje engathembisi, wenqaba wathi uyocula nabo ngelinye ilanga.

“Ngendlela asho ngayo ubemxosha emtshela ngeziphansi ukuthi abaculi nabantu abafana naye,” kusho ozibonele maqede wabhala kuTwitter.

Ngemuva kwesikhashana esetshelwa ukuthi bekunguChristina, ufikelwe amahloni. UClaude usehambele imisakazo yendawo ecela uChristina abuye ukuze bacule ndawonye. – E! Entertainment

UTHE uyoyizekela amagwababa echobana eyokunganikwa ithuba lokucula ethaveni uChristina Aguilera Isithombe: SIGCINIWE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.