ISafa ayikubhekile ukusingatha i-Afcon

Isolezwe ngeSonto - - EZEMIDLALO - ZAKHELE XABA

INHLANGANO eyengamele ibhola kuleli, iSouth African Football Association (Safa), iyazihlangula ezinkulumeni zokuthi icuthele ukusingatha umqhudelwano i-Africa Cup of Nations (Afcon) ezodlalwa ngoJuni wonyaka ozayo.

Ilungelo lokusingatha i-Afcon liwele ezandleni zeCameroon.

Nokho kuvele ukuthi idonsa kanzima ukumelana nezimfuno zenhlangano eyengamele ibhola e-Africa, iConfederation of African Football (CAF). Ezinyangeni ezedlule isigungu seCAF sizwakalise ukungeliseki ngokulungela kweCameroon ukusingatha i-Afcon esizodlalwa amaqembu angu-24 kusuka kwangu-16. Kusabalale izinkulumo zokuthi iSafa ifuna ukuthatha i-Afcon uma igcina ihluleka iCameroon. UMzansi ugcine ukusingatha lo mqhudelwano ngo-2013.

Okhulumela iSafa, uDominic Chimavhi, uthe akukho ezinhlelweni zenhlangano ukusingatha i-Afcon.

“Angicabangi ukuthi sifuna ukusingatha i-Afcon. Uhulumeni usitshelile ukuthi ngenxa yesimo somnotho, imali izofakwa ezintweni ezibalulekile njengezeMpilo nakwezeMfundo. Ngizwile ukuthi iCameroon ithwele kanzima ukuhambisana nemigomo yeCaf njengoba amaqembu esezoba ngu-24 okusho ukuthi kuzodingeka izinkundla eziningi. Ngiyakuqonda lokho. Maningi amazwe angeke ekwazi ukuyisingatha le-Afcon ikakhulukazi emazansi ne-Afrika. YiNingizimu

Afrika kuphela engakwazi ukusingatha. Kodwa uma unyukela enhla, bengayithatha noma yinini.”

Ngaphandle kweNingizimu Afrika kuvele ukuthi iMorocco nayo isizifakile emazweni afuna ukusingatha i-Afcon.

IMorocco yanikwa ithuba lokusingatha i-Afcon ka-2015 kodwa yazihlangula emuva kokuqubuka kwesifo i-Ebola, kwagcina kudlalelwe e-Equitorial Guinea.

Ithimba le-Caf lizophindela eCameroon ekupheleni kwenyanga ukuyohlola okokugcina. Emuva kwalokho kuzothathwa isinqumo ngezwe elizosingatha i-Afcon ka-2019.

U-Amaju Pinnick, oyiphini likaMengameli weCaf u-Ahmad Ahmand, uthe okwamanje azikho izinhlelo zokuphuca iCameroon i-Afcon. UPinnick ubekhuluma ohlelweni lwethelevishini, iSoccer Africa, ngoLwesine.

“Sibeke iCameroon endaweni yokuqala, eyesibili neyesithathu. Azikho izinhlelo zokuyiphuca i-Afcon. Zikhona izinselelo ezikhona kodwa sifuna ukubanika ithuba.

“Inhloso yethu wukuba nendumezulu yomqhudelwano njengoba kuzoba kungokokuqala ukuthi kudlale amaqembu angu-24. Ukuthi sekuzodlalwa ngoJuni kuchaza ukuthi abantu sebezokuthatha njengeholidi ukuyobuka i-Afcon,” kusho uPinnick ophinde abe ngumengameli weNigerian Football Frederation (NFF).

Kulindeleke ukuthi iphele impelasonto sesandile isibalo samaqembu azibekisele indawo kwi-Afcon njengoba imidlalo yokuhlunga isikuvuthondaba.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.