‘IFifa ayibuyekeze isinqumo sayo ngaMaZulu’

Isolezwe ngeSonto - - EZEMIDLALO - NHLANHLA SITHOLE

UQWEQWE kwezomthetho nommeli owaziwayo eThekwini, u-Ashwin Trikamjee, uthi kufanele inhlangano eyengamele ibhola emhlabeni iFifa isibuyekeza isinqumo sayo sokwemuka AmaZulu amaphuzu ayisithupha ngoba abantu ababenze iphutha baphula isivumelwano akubona abathenga ilungelo leThanda Royal Zulu.

UTrikamjee, owake waba usihlalo weNational

Soccer League(NSL) nephini likamengameli weSafa ngesikhathi iNingizimu Afrika ibuyiselwa ngaphansi kweFifa ngo-1990, ubecelwe yiSolezwe ngeSonto ukuba alihlaziyele ukuthi uthini umthetho esimeni esibhekene noSuthu.

Abanikazi baMaZulu yiLyrastar Investment (Pty) Ltd, usihlalo wayo okunguNhlangano Sokhela.

Kanti isivumelwano saphulwa yinkampani AmaZulu Football Club (Pty) Ltd, usihlalo wayo okunguPatrick Sokhela, nokuyiyona futhi egcine ngokumkhokhela (R1 million) lomdlali,uPhinheas Nambandi, waseNamibia, imali ayayimkweleta yona.

“Uma kuwukuthi abaphathi abasha bathenga ilungelo leThanda Royal Zulu, base beshintsha igama kufanele iFifa isiguqule isinqumo sayo ngoba bathatha amaphuzu kubantu ababengekho ngesikhathi kwenzeka umonakalo.

“Ngabe sikhuluma okunye ukube abaphathi abasha bathenga ilungelo la MaZulu.

“Manje abaphathi abasha bathenge ilungelo leqembu elalingahlangenise lutho nalo mdlali, base beguqula igama bathi AmaZulu.

“Ngalawa maphuzu iFifa kufanele isibuyekeze noma yikanjani isinqumo sayo ngoba silimaze abantu abantu okungebona,” kuchaza uTrikamjee.

Ukuphucwa amaphuzu ayisithupha koSuthu kulubeke endaweni ebushelelezi kwilog njengoba kuyiwona avale emathukweni elog ye-Absa Premiership.

Uma kungase kwenzeke iFifa isiguqule isinqumo sayo ibuyisele amaphuzu ayawathatha kungehlisa umthwalo hhayi, kubaphathi kuphela kodwa nasethimbeni labaqeqeshi okuyilona okubhekeke ukuthi ikhuthaze abadlali bangagebisi amakhanda kodwa balwele ukususa iqembu endaweni ebushelelezi.

Odabeni olwedlule uTeboho Motlanthe obhekene nezomthetho kwiSafa wakuqinisekisa kuleli phephandaba ukuthi bacelwe iFifa ukuba bayithumelele amaphepha anesiqinisekiso sobunikazi baMaZulu.

Leli qembu liyoze lidlala umdlalo walo olandelayo uma selibhekene neHighlands Park ekuhambeni ngoNovemba 27.

UMARK Van Heerden waMaZulu okuthiwa kuzofanele abuyiselwe amaphuzu athathelwa wona iFifa Isithombe: BACKPAGEPIX

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.