UTau utakule iBafana ehlazweni lokuguqa ekhaya

Isolezwe ngeSonto - - EZEMIDLALO - ZAKHELE XABA Ebika eseFNB Stadium South Africa (1)1 Nigeria (1)1

IZITHWESE ijoka iBafana Bafana ihluleka wukuthola amaphuzu amathathu ibhekene neNigeria emdlalweni wokuhlungela umqhudelwano i-Africa Cup of Nations (Afcon) eFNB Stadium, eNasrec, izolo.

Igoli leNigeria kube wumkhonto ogwaze ekhaya kaBuhle Mkhwanazi umdlalo usanda kuqala. IBafana ibuyise emdlalweni nguLebogang Mothiba esiwombeni sokuqala.

Lo mphumela uchaza ukuthi iNigeria isizibekisele indawo kwazise alisekho iqembu elisengayifica kuGroup E.

Ngasohlangothini lweBafana kusho ukuthi kuzofanele nakanjani ijulukele ukuhlula iLibya emdlalweni wokugcina ozoba ngoMashi. ILibya izenzele umsebenzi ngokulobola iSychelles ngo 8-1 komunye umdlalo wokuhlunga kaGroup E.

IBafana isahlezi endaweni yesibili ngamaphuzu ayisishiyagalolunye emuva kwemidlalo eyisihlanu.

Nakuba izolo bekuyiBafana ebikade idlalela ekhaya kodwa abalandeli abaningi enkundleni bekungabeNigeria.

Abalandeli beNigeria bakhombise ukweseka iqembu labo benakho ukuzitshela ukuthi bazoziphindiselela kwiBafana eyabahlula ngo 2-0 e-Uyo, eNigeria.

Nakuba bekade bezitshela ukuthi kukhulu okuzokwenziwa yiqembu labo kodwa basheshe baswaba emuva kokubona ukuthi umdlalo awulula.

Esiwombeni sokuqala, ikhombise zibekwa ukuthi ifuna ukuthola igoli ngokushesha.

Nokho iBafana ethole ithuba elicacile lokushaya igoli kuqala ngesikhathi uThamsanqa Mkhize egobela ibhola ebhokisini kodwa labahlula bonke abadlali.

Emuva kwalo mnyakazo, iNigeria inyuse igiya. Ngomzuzu wesithupha unozinti weBafana, u-Itumeleng Khune, uvimbe ibhola elibi ebelithunyelwe iNigeria.

Nokho ngomzuzu wesishiyagalolunye, uMkhwanazi ulishaye ekhaya emuva kwebhola ebelikade ligotshwe kwesokudla.

Emuva kwaleli goli iBafana izamile ukuphendula ngokushesha kodwa ihluleka. Ngomzuzu ka-19 uMothiba ushayele iBafana igoli emuva komdlalo omuhle kaPercy Tau odlule kubadlali basemuva beNigeria.

Esiwombeni sesibili, iBafana ibuye yacindezela ifuna igoli lesibili kodwa iNigeria kade ingafuni lutho emuva. Kade kubhoke kakhulu uTau obekade eqhamuka nxazonke ngomjiko.

Sekusele imizuzu eyisishiyagalolunye, iNigeria ilishayile igoli kodwa unompempe wathi sebesemhlabeni ongafanele. Lokhu kucasule abalandeli beNigeria abebetheleke ngezinkani.

INigeria ikhombise izimpawu zokukhathala umdlalo usuyophela kodwa iBafana yahluleka ukukusebenzisa lokho.UTau ugcine eqokwe njengomdlali ovelele wosuku.

YIWO umnyakazo kaPercy Tau okhiphe iBafana Bafana ehlazweni lokuhlulelwa ekhaya Isithombe: BACKAPGEPIX

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.