Imilutha ididiyela isiphuzo ngamaqakelo asebenzile

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA - DELI MNCWABE

IMILUTHA yezidakamizwa isijike ukwenza njengoba kuthiwa isizitika ngokuphuza amanzi aphuma uma ipheke amaqakelo abesifazane asesebenzile.

Lo mkhuba omusha ubukeka uzobhincisela nxanye abezidakamizwa iwunga nenyaope. Kuthiwa uthandwa yintsha engenayo imali yokuthenge inyaope newunga ngenxa yokuthi imba eqolo. Ukuhlanganisa amaqakelo kulula ngoba bahambela imizi enabantu besifane baketule imigqomo bathathe amaqakelo asesebenzile noma baye lapho kulahlwa khona imfucuza bapequlule ukuze bathole amaqakelo.

Kuthiwa uma sebewatholile amaqakelo asesebenzile, bawathatha bawabilise bese amanzi aphuma lapho bawaphuze.

La manzi kuthiwa ayadakana, ulala ungazazi negama lakho, okuyinhloso enkulu yemilutha.

Umsuka walo mkhuba, kuvela ukuthi ukhonjwa e-Indonesia njengoba ususabalele emazweni amaningi okubalwa neNingizimu Afrika.

Ngokolwazi oluvela kweminye yemibiko wumkhuba osuneminyaka engaphezu kwemibili uqalile kodwa eNingizimu Afrika usanda kuqala ukubonakala eGoli. Kuthiwa umuntu ophuze le ‘jusi’ ephuma emaqakelweni, udakwa amakhemikheli asetshenziswe kuwona.

Udokotela wabesifazane ongathandanga negama lakhe, uthe uyakweshwama lokhu.

“Ngiyakweshwaba lokhu kodwa kunengozi kakhulu empilweni yomuntu,” usho kanje.

Uthe okokuqala amaqakelo anekhemikhali i-Absorbent Core esetshenziswe ukubamba igazi kwiqakelo ukuthi lingagelezi.

“Lilodwa nje leli khemikhali alikulungele ukungena ngaphakathi liphuzwe ngoba alikudalelwe lokho kodwa lisebenza ukubamba okusaketshezi. Uma seliliningi ngaphakathi egazini lingaba yingozi.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.