Zitholwe ziphihliziwe izindondo zeNdidane

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA - KHETHA SANGWENI

ZITHOLAKALE ngoLwesihlanu ziyizicucu izindondo zesihlabani sikamaskanda esesalala kobandayo, uMtshengiseni ‘Indidane’ Gcwensa ebezebiwe abantu abangaziwa.

Kuthiwa kunabantu abagasele emzini walo mculi KwaMajozi, eMsinga phakathi nesonto.

Umndeni weNdidane uvule icala emuva kokufika kwamadoda abehamba ngemoto iVW Golf emhlophe, angene ashaqa imali enguR2 000 nezindondo emzini weNdidane kwaDlulujeqeze okuyigama lawo.

Ingoduso yeNdidane, uNksz Zothini Ziqubu ithe izindondo zitholwe yizingane ebezizihambela endaweni okuthiwa kuseTshen’elikhulu ngasemgwaqweni.

Uthe izindondo zeNdidane beziwu-18 seziphelele kodwa izigebengu bezithathe ezingu-9 zamaSouth African Traditional Music Awards (Satma), kwasala ezingu-9 azithola kuMantshontsho kaMaskandi Awards.

“Kufike izingane zabafana ziziphethe izindondo zithi zizithole phansi ngasemgwaqweni okuthiwa bekumi khona le moto yabantu abagile lo mkhuba. Aziphelele njengoba kubuye eziwu-7 seziyizicucu, ezimbili zingasekho.

“Ngithathe zona izicucu lezo ngazibeka-ke ngoba ayikho into ebengizoyenza,’’ kusho uNksz Ziqubu ngokubalisa. Uthe banalo ithemba lokuthi bazobanjwa abenzi bobubi ngoba ubona amaphoyisa sengathi aluthathele phezulu udaba.

“Ngiyabonga ngoba amaphoyisa ayaxhumana nathi ayasilekelela nomseshi kade efikile ezobuza izinto ezimbalwa. Kuyacaca ukuthi bayaqhubeka nodaba,’’ kuchaza uNksz Ziqubu.

Induna yabalandeli beqembu elashiywa yiNdidane, Amageza Amahle, uVeloh

Bhengu ukuqinisekisile ukuthi zitholakele izindondo, wathi kodwa le nto inendida, basazama ukuyicubungula kahle ngoba akuyona into encane ukuthathwa kwazo.

“Ngithintwe unkosikazi weqhawe engitshela ukuthi zitholakale ziphihliziwe izindondo.

“Le nto ishiya imibuzo ngoba asiyazi ukuthi isukelaphi kodwa sibuye sisole nje ukuthi wumuntu obeyizonda iNdidane enomona nomsebenzi wayo,’’ kuchaza uBhengu.

Uthe neqembu selihamba lijeqeza ngoba alazi ukuthi isukaphi impi futhi balicabangela ini nalo.

Leli qembu liholwa uKhayelihle ‘Potso’ Ngobese owayevele ecula ngemuva egida ngesikhathi seNdidane.

Indidane idlule emhlabeni ngoJulayi 2015, esibhedlela eDundee emuva kokuxinwa ukugula isikhathi eside.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.