Kugiye oweThe

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA - NOKUBONGWA PHENYANE EBIKA ESANDTON, EGOLI

KUGIYE umlingisi weThe Queen emcimbini wamaDStv Mzansi Viewers Choice Awards akade eseSandton, eGoli ngoMgqibelo ebusuku.

UThembsie Matu olingisa indawo kaPetronella, ukhale wemuka nezindondo ezimbili okukhona kuzo eyomlingisi ohamba phambili nekasaziwayo othandwayo kuleli.

Ngonyaka odlule indondo efanayo yahamba noThembisa Mdoda owayethula uhlelo I- Our Perfect Wedding.

Kulo mcimbi bekuboshelwe njengoba emikhakheni eyahlukene bekuqhathwe osaziwayo abanamava.

Emkhakheni omunye obekuboshelwe kuwo kakhulu owomsakazi ovelele obekuqhathwe kuwo abasakazi okukhona kubo uDudu Khoza noSelby Mkhize boKhozi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.