KumaDStv Mzansi Awards

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA -

FM, indondo ikhale yemuka nenkakha yomsakazi uNtate Thuso Motaung.

Kulo nyaka uBonang ukhale wemuka nendondo kasaziwayo ohambe phambili kulo nyaka abeqhathwe kuwo nowake waba umngani wakhe uSomizi Mhlongo.

UKhuzani uphinde waqopha umlando njengoba ebe umaskandi wokuqala ukuqokwa kulo mcimbi selokhu waqala, wakhala wemuka nendondo yomculi ohamba phambili kuleli.

IDistruction Boyz ikhale idle ubhedu ngendondo yeqembu elikhula ngesivinini.

Emcimbini kuphinde kwahlonishwa uDkt Rebecca Malope ngegalelo lakhe emculweni.

Abanye abadle umhlanganiso emkhakheni weFavourite Song of the Year uPrince Kaybee, kwiFavorite TV Presenter uPearl Modiadie, kwiFavourite Comedian uSkhumba Hlophe, kwiFavourite Actor uWarren Masemola, kwiFavourite DJ uBlack Coffee, kwiFavourite Sports Personality uCaster Semenya nabanye.

IDISTRUCTION Boyz idle umhlanganiso ngendondo yeFavourite Rising Star emcimbini weDstv Mzansi Viewers’ Choice Awards Isithombe : SIGCINIWE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.