OweSibaya usakhala ngoyise angakaze ambone

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA - KHETHA SANGWENI

ISILOMO somlingisi somdlalo wethelevishini Isibaya, uPallance Dladla, sithi nakuba sesiphumelele kodwa sisekhona isikhala sikayise njengoba sikhule singamazi.

Lo mlingisi odabuka eSoweto, eGauteng, uthe akakaze ambone nhlobo uyise njengoba ahamba engakazalwa. UPallance udlala indawo kaJabu Zungu emdlalweni oyintandokazi ku-161, kuMzansi Magic phakathi nesonto.

“Ngiyambonga kakhulu umama ngokungikhulisa kahle ebe eyedwa, kodwa njalo uma kukhulunywa ngamadoda aqotho, kuyavuka kimi ukuthi angimazi ubaba,” kusho uPallance.

Uthe likhulu iqhaza elibanjwa abesifazane abakhulisa izingane ngabodwa.

UPallance ubengomunye ukuthi ufikelwa yisibibithwane uma kukhulunywa ngobudoda.

Uthe unemibuzo eminingi engaphenduleki azibuza yona njengokuthi engabe wabalekelani uyise.

“Ngiyafisa ukwexwayisa abantu abakhule bengenabo obaba ukuthi lokho abangakwenzi ihawu lokuvika babe abahlukumezi ngoba kuyenzeka ukhule ungenaye ubaba ungabi yisidlova,” kuqhuba yena.

Uveze ukuthi kwakungenzeka akhule abe wumdlwembe ngoba ukhule eSoweto kugcwele lonke uhlobo lomuntu kodwa wanamathela ekufezeni amaphupho akhe.

Ubonge namadoda ahlukene asondelene nawo ngokomsebenzi, wathi yiwona amsizile kakhulu ukukhula abe yindoda eqotho.

“Ngiqale ukondla ekhaya ngisemncane ngenza izikhangiso nginganakile nokuthi imina owondlayo ekhaya ngokwenza kanjalo. Kwangisiza kwangifundisa ukuzenzela ngisemncane ngasheshe ngaba yindoda.”

Ngo-2011, ufinyelele kowamanqamu kwiClass Act okuwuhlelo olwathungatha abalingisi abasafufusa abanamava kodwa kwagcina kunqoba u-Abdul Khoza naye olingisa kwiSibaya odlala indawo kaQaphela Ngwenya.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.